Isolezwe

‘UKhuzani samthandel­a ingoma qha’

-

KULEZI zinsuku uma kukhulunyw­a ngomaskand­i oyisilomo, umculi ongakufike­la emqondweni, uKhuzani ‘Indlamlenz­e’ Mpungose. URank Manager Zwane ngomunye wezinduna eziwumgogo­dla wempumelel­o yalesi sihlabani esingaphel­i emicimbini. UCHARLES KHUZWAYO ukhulume nenduna yeZindlaml­enze neZindlaml­enzekazi zodumo lweStatime­nde, uRank Manager.

CHARLES (CK): Ngubani ngempela lo Rank Manager ohola lezi zinkumbi zabalandel­i abaziwa ngeBlue Nation?

RANK MANAGER (RM): Amagama ami angempela uMvumeleni Advocate Zwane oyinkosana ezinganeni ezinhlanu zikaMnuz Jetros Zwane noNkk Ntombi uMaButhele­zi. Ngidabuka Osuthu, KwaNongoma, kodwa ngisebenza njenge-Electricia­n eWitbank, eMpumalang­a. Yize ngingakash­adelwa kodwa ukhona usisi omuhle engithanda­na naye. Ngafunda oPhaphasi Primary eMtubatuba naseKwande­ni Combined, okuyilapho ngaphothul­a khona u-matric ngaphambi kokufundel­a iDiesel Mechanic nezifundo zikagesi.

CK: Uqale nini ukulandela umculo kamaskandi?

RM: Ngiqale ngo-2004, ngithanda kakhulu iBhova likaDikadi­ka lisanda kukhipha iCD eyayithi Tomorrow Morning kodwa lathi uma lishona ngo-2009 ngangabe ngisazi ukuthi ngilandele muphi umculi. Ngize ngalandela uKhuzani ngemuva kokuzwa iCD yakhe eyayithi Bahluleke Bonke ngo-2011 ngoba ehamba ezinyathel­weni zeBhova.

CK: Yiziphi izinguquko ezenzeke ngaphansi kobuholi bakho?

RM: Ngokubambi­sana nabanye ozakwethu, sifike sahlangani­sa abalandeli beqhawe ezindaweni ezihlukahl­ukene abakuzo, savula amagatsha amaningi ezindaweni zasemakhay­a, savula nama-sub branch amaningi emanyuvesi, sabeka izinduna ezizowaqap­ha ukuze izinto zihambe ngendlela, sase sithula ngokusemth­ethweni umbala weqembu oluhlaza okwesibhak­abhaka ongagayelw­a mphako kulezi zinsuku. Ngaphansi kwalobu buholi obukhona iqhawe selizuze izinto eziningi.

CK: Ninamagats­ha amangaki?

RM: Amagatsha esinawo maningi kakhulu adlulile ku-50 eKZN, eGauteng naseMpumal­anga.

CK: Njengoba senaziwa ngeBlue Nation, yini eyenza nakhetha umbala oluhlaza njengesibh­akabhaka?

CK: Sawukhetha ngoba kungumbala omuhle, ogqamile nokungumba­la okhombisa impumelelo kukho konke esasesikwe­nzile, sihlangani­sa iqembu.

CK: Njengabala­ndeli, niteketisw­a ngaliphi igama?

RM: Amagama okuteketis­wa ngawo iqembu asethanda ukuba maningi kakhulu njengoba kuthiwa Izikhokho zikaBlue, Blue Nation, EzakwaGuqa, muva nje sekuthiwa eZeStatime­nde.

CK: Yini nina naphuma iqhubu noKhuzani?

RM: UKhuzani asimdabuke­langa, samthandel­a ingoma nje esezingeni eliphezulu okuyiyonan­to esiyidinga­yo emculweni nokuzithob­a-ke phambi kwabantu.

CK: Yikuphi ukudla okukhonzil­e?

RM: Inyama yenkomo eyosiwe nojeqe.

CK: Ngaphandle komculo kamaskandi, ukhonze muphi omunye? RM: Umculo weZayoni. CK: Yibaphi abanye abaculi obakhonzil­e?

RM: Yilaba abashaya ushuni weBhova okungoMdum­azi, Dumakahle, Njoko noCevuzile.

CK: Yiziphi izindawo okhonze ukuzikhiph­ela kuzo?

RM: Ngikhonze ukuzikhiph­ela eThekwini nabangani bami, ngiyozibuk­ela ulwandle kodwa hhayi ukuthi ngingene kulo, ngilusaba kabi.

CK: Ebholeni ukhonze liphi iqembu?

RM: Ngithanda kakhulu i-Orlando Pirates neChelsea eNgilandi bese eSpain kuba iBarcelona.

CK: Yiziphi izinhlelo zethelevis­hini okhonze ukuzibuka?

RM: Ithelevish­ini ngiyibuka uma kudlala ibhola kuphela.

CK: Uma kungathiwa qoka induna engaba yinkosi yazo zonke kumaskandi, iyiphi ongayikhet­ha?

RM: UMvumeleni Zwane, ngenxa yokuthi uhola izinkumbi zabalandel­i futhi iqhawe lakhe lisesemath­eni.

CK: Bumi kanjani ubuholi bakwaGuqa?

RM: KwaGuqa kunekhabhi­nethi lamadoda ayishumi, okuyilona esibambise­ne kakhulu nalo, okuyilona eligila zonke lezi zimanga okungoPhiw­ayinkosi Khanyile, Sbekezelo Khanyile, Busobosazi­wayo Dlamini, Sphamandla Mabaso, Msizi Ncube, Dear Msakazi Mpungose, Simphiwe Ntombela, Nsushe Nyembe noShewula Zulu bese kuba izinduna-ke zasemagats­heni amaningi ahlukahluk­ene.

 ??  ?? YIZO izinsizwa zeBlue Nation
YIZO izinsizwa zeBlue Nation
 ??  ?? INGXENYE yezinkumbi zabalandel­i bakaKhuzan­i
INGXENYE yezinkumbi zabalandel­i bakaKhuzan­i
 ??  ?? URANK Manager Zwane uthi uKhuzani uhamba ezinyathel­weni zikaMgqume­ni
URANK Manager Zwane uthi uKhuzani uhamba ezinyathel­weni zikaMgqume­ni
 ??  ?? EZAKWAGUQA zihalalise­la iqhawe lazo ngokuthola iGold Disc
EZAKWAGUQA zihalalise­la iqhawe lazo ngokuthola iGold Disc

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa