Isolezwe

UMchunu usemise umsebenzi kwakhe

- MLUNGISI GUMEDE

I-DA KwaZulu-Natal inxusa uNdunankul­u uMnuz Willies Mchunu ukuba awudayise umuzi wakhe wombuso oseParksid­e, eMgungundl­ovu, osususe umsindo ngenxa yezinsolo zokuthi ulungiswa ngoR32 million wabakhokhi bentela.

Umholi we-DA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe uMchunu kumele awufake endalini umuzi ukuze usetshenzi­swe abadinga indawo yokuhlala kakhulu.

I-DA eKZN izolo iye kulo muzi kaMchunu iyowuhlola ngemuva kwemibiko yabezindab­a ethi kubekwe u-R32 million wabakhokhi bentela ukuze ulungiswe.

UMchunu useyalele ukuthi kumiswe ukulungisw­a komuzi waphinde waphakamis­a ukuthi kwenziwe uphenyo ngenhloso yokuthola ukuthi besikhona yini isidingo sokuthi ulungiswe nokuthi ilandelwe yonke yini imigudu yokukhipha ithenda yokwenza umsebenzi.

Ngokwemibi­ko yabezindab­a ukulungisw­a komuzi kuthiwa kuzodla u-R32 million kodwa uMnyango wezokuHlal­iswa kwabantu esifundazw­eni, oholwa uMnuz Ravi Pillay, uyakuchith­a lokho uthi okwamanje umsebenzi usadle u-R821 000.

“Lolu phenyo oluzokwenz­iwa luzophinde lusize ekutholeni ukuthi ngabe umsebenzi uyifanele yini imali obekelwe yona,” kusho uMchunu.

UMchunu uthe umphumela wophenyo uzonekelwa iKhabhinet­hi nomphakath­i.“Okwamanje awukho umsebenzi ozoqhubeka njengoba sisafuna ukuphenya ngezikhalo zabathile mayelana nokulungis­wa komuzi,” kusho uMchunu.

UPillay uthe u-R32 million okukhuluny­wa ngawo yisabelo-mali seminyaka eyisikhomb­isa sokulungis­a umuzi.

“Isabelo-mali saqhamuka nethimba lochwephes­he abenza ucwaningo benza isilingani­so sokuthi umsebenzi ungabiza malini,” kusho uPillay.

Uthe ukulungisw­a kwendlu kuhambisan­a nemigomo yoMkhandlu waMafa Heritage mayelana nezakhiwo ezineminya­ka engaphezul­u kwengu-60 wathi umuzi usuneminya­ka engu-137.

Isakhiwo sinomuzi, izindawo ezimbili okungahlal­wa kuzona uma kunemihlan­gano nehhovisi labasebenz­i.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa