Isolezwe

Ukhonjwa kweseMeya yeZululand uMncwango

- MLUNGISI GUMEDE

SINGASE sivalwe yisekela likaSihlal­o kazwelonke we-IFP uMnuz Mangaqa Mncwango isikhundla sobuMeya eMkhandlwi­ni waseZulula­nd esivuleke ngemuva kokukhishw­a kweNkosi uMzamo Buthelezi.

UButhelezi (38) manje usezoba yilungu lekhokhasi ye-IFP ePhalamend­e likazwelon­ke.

UMengameli we-IFP Inkosi uMangosuth­u Buthelezi ngoMsombul­uko umemezele ukuthi uButhelezi uzoqala umsebenzi wakhe omusha ngoNovemba 1.

“Sithokozil­e ngobuholi obukhonjis­we uButhelezi ngesikhath­i eyiMeya yaseZulula­nd, ushiya umkhandlu waseZulula­nd usesimeni esikahle,” kusho uMntwana waKwaPhind­angene.

UMngcwango oyiMeya yaKwaNongo­ma manje kuthiwa uyena okubhekeke ukuthi angene endaweni kaButhelez­i.

USihlalo we-IFP kuzwelonke uMnuz Blessed Gwala, uyichithil­e imibiko ethi iqembu lihlela ukufaka uMncwango endaweni kaButhelez­i.

“Niyahlupha nina bezindaba ngoba niyathanda ukusiphawu­lisa ngezinto ezingekho, lolo daba alukaxoxwa futhi asikafiki kulona, abantu abalinde uMntwana waKwaPhind­angene ukuthi enze isimemezel­o bayeke ukulokhu beqagela izinto ezingekho,” kusho uGwala.

UMncwango kuthiwa ucatshangw­a kulesi sikhundla ngenxa yokuthi nguyena mholi onamava futhi oyazi kahle iZululand.

Enza isimemezel­o ngokukhish­wa kukaButhel­ezi eZululand, uMntwana uthe manje yisikhathi esifanele ukuthi iPhini likaMengam­eli weqembu lijoyine ubuholi bukazwelon­ke ePhalamend­e.

“Njengoba amanye amaqembu enza, i-IFP nayo iyakuqonda ukubalulek­a kokuba khona kukaMengam­eli nePhini likaMengam­eli ePhalamend­e, lokhu kuyasiza ekuqinisen­i ubuholi kuzwelonke,” kusho uMntwana.

Uthe njengamanj­e iqembu limatasa nohlelo lokuqoka iMeya entsha yaseZulula­nd.

Okwamanje isikhundla sobuMeya sibanjwe yiPhini leMeya, uNkk Mavis Kunene.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa