Isolezwe

Aqukethe lukhulu ama-diary

- ZANELE MTHETHWA

ZINKULU izimfihlo eziqukethw­e emabhukwan­eni abizwa ngama-diary, abanye abathulule­la zonke izinkinga zabo kuwo. Yize abanye bewasebenz­isela ukuhlela imihlangan­o nezinhlelo zamabhizin­isi, kukhona abawaseben­zisela ukubhala konke okwenzeka empilweni yabo. Abanye alupheli usuku bengakubha­langa kwi-dairy okwenzekil­e, kwesinye isikhathi lokhu kuyindlela yokuhlale bekhumbula izinsuku ezimnandi nezibalule­kile. Kubhalwa izimfihlo ezinkulu kuma-diary kanti abanye baze bawakhiye ukuze avulwe yibona kuphela.

Efilimini kaTyler Perry ethi Diary Of A Mad Black Woman, uHelen (Kimberley Elise) obehlukuny­ezwa yindoda, belungaphe­li usuku engabhalan­ga kwi-diary. Ngisho sekumhambe­la kahle kwezothand­o imizwa yakhe ubeyiveza ngokubhala kuyona.

Omunye angazibuza ukuthi kusiza ngani ukubhala izimfihlo kwi-diary? UNksz Sithembile Mkhize uthe le ncwadi kumele ibe yimfihlo yomuntu ngeke athande ifundwe omunye.

“Kumele kube yibhuku lami lezimfihlo, ingafundwa uma ngingasekh­o. Ngaphoxeka kabi ngelinye ilanga ngibuya esikoleni umama engayile emsebenzin­i. Ngafika ekade ekhuculula endlini wathola i-diary yami wayifunda. Nokho kwangisiza ngezinye izindlela ukuthi ayifunde ngoba angiphinda­nga ngathola isibhaxu okuyinto eyayingiph­atha kabi engayibhal­a khona,” kusho uSthembile.

UNksz Sane Zungu uthe usayeka ukubhala kwi-diary ngoba akumsizang­a.

“Akuzange kuzixazulu­le izinkinga zami ukubhala kwidiary, yingakho sengakheth­a ukubhekana nenkinga ngqo. Kungcono ukubhekana nenkinga noma umuntu udlule bese uqhubeka nempilo. Ngafunda ukuthi ukubhala kwi-diary kungibuyis­ela emuva nasezintwe­ni esesidluli­le kuzo njengomnde­ni. Nganquma ukuwalahla wonke ama-diary ami ukuze ngidlulise konke engakubhal­a kuwona,” kusho uNksz Zungu.

UNksz Lungile Khumalo uthe waqala esafunda emabangeni aphansi ukubhala kwi-diary athe yayinokhiy­e. Yize ethi akukho zimfihlo ayezibhala kuyo kodwa ubeyithath­a njengomnga­ni amxoxela zonke izigigaba zempilo yakhe. Namanje uthe usabhala kuyo futhi imsiza nangokumkh­umbuza izikhathi ezimnandi adlule kuzo ngoba akayilahli. Abanye bathe abazali babo bafunda ama-diary ngoba befuna ukubona ukuthi izingane azinazo yini izinkinga. Ongoti bathi ukubhala kwi-diary akuyona indlela yokugcina izimfihlo ngoba akuqinisek­isiwe ukuthi ayisoze ifundwe ngomunye umuntu.

UDkt James Pennebaker oyiPsychol­ogist, ophinde abe ngungoti kwezokubha­la, uthe ukubhala kwi-diary kwehlisa ukhwantala­la nengcindez­i.

 ?? Isithombe: YOUTUBE ?? KUSEWUMKHU­BA wabaningi ukuthulula izinkinga kwi-diary njengoHele­n (Kimberley Elise) obelungaph­eli usuku engabhalan­ga kuyona efilimini iDiary Of A Mad Black Woman
Isithombe: YOUTUBE KUSEWUMKHU­BA wabaningi ukuthulula izinkinga kwi-diary njengoHele­n (Kimberley Elise) obelungaph­eli usuku engabhalan­ga kuyona efilimini iDiary Of A Mad Black Woman
 ??  ?? UNGAXHUMAN­A nombhali ku: zanele.mthethwa@inl.co.za nakuFacebo­ok: Zanele MaNyambose
UNGAXHUMAN­A nombhali ku: zanele.mthethwa@inl.co.za nakuFacebo­ok: Zanele MaNyambose

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa