Abaphathi boKhozi abamvale uMpanza ekushumayeleni
SEKUNGAMASHUMI eminyaka intandokazi yomsakazo, uKhozi FM, lunikeza abefundisi bamahlelo ahlukene ithuba lokushumayela ukuze abalaleli bezothola ukudla komphefumulo.
Kulesi sigcawu kugidagida amabandla anhlobonhlobo nje ngoba kuyaziwa ukuthi abalaleli bakhonza emabandleni ahlukene. Ngokwenza kanje uKhozi luhlonipha uMthethosisekelo wezwe ovikela wonke umuntu ukuthi akhonze nanoma ngabe iyiphi inkolo ayithandayo futhi angacwaswa ngalokho.
Yingakho-ke sisigxeka isenzo soMfundisi webandla lamaNazaretha, uMthembeni Mpanza othe esikhundleni sokuthi ashumayele wakhetha ukugxeka indlela amaRoma akhonza ngayo.
Lesi sigcawu akusona esokuthi abefundisi bangene bazogxibha amanye amabandla kodwa okwabo ukuthi bashumayele, baqhakambise lokho okuhle ngeyabo inkolo nokuthi ibasiza kanjani. Kodwa esikhundleni sokuthi uMpanza abophe abalaleli futhi abaphulukise ngokukamoya, kukhona abaningi abakhubile ngentshumayelo yakhe.
Uhlushwe yini uMpanza ngendlela amaKhatholika akhonza ngayo nokuthi akhonza bani ngoba yena akakhonzi khona futhi akekho othe akashiye inkolo yakhe yobuNazaretha azoba yiKhatholika?
Indaba yenkolo ibucayi kabi yingakho nje uMthethosisekelo ukugcizelela ukuthi akekho umuntu okufanele acwaswe ngokwenkolo yakhe ngoba indaba yakhe umuntu nomuntu ukuthi usizakala kephi, kanjani uma kuziwa kwezikamoya futhi akekho umuntu okufanele aphoqwe.
Okuphinde kube kubi ngesenzo sikaMpanza ukuthi ngisho esaziswa ukuthi intshumayelo yakhe ilumelile kumaKhatholika kodwa aphikelele ekutheni akakuboni okubi akwenzile.
Lokhu kusho ukuthi lokhu akwenzile usangakuphinda uma engena emsakazweni. Yingakho nje sibona ukuthi abaphathi boKhozi FM kufanele bamvale uMpanza ukushumayela emoyeni ngoba akaqondi ukuthi lesi sikhathi asuke enikwe sona ngesokwenzani.
Akekho umuntu onelungelo lokugxeka inkolo yomunye umuntu eNingizimu Afrika futhi akufanele kubekezelelwe nakancane lokhu nanoma ngabe ubani okwenzayo. Abayekwe abantu bakhonze lapho bethanda futhi besizakala khona.