Isolezwe

I-SABC mayingasif­unzi ukudla esingakudl­i

-

MHLELI: Ngibhala le ncwadi ngenhloso yokuzwakal­isa ukungeneli­seki ngendlela inhlangano yezokusaka­za, iSABC, esiphethe ngayo kanjalo nomsakazo Ukhozi neminye nje.

Kuke kwaba nomshado wasebukhos­ini bamaNgisi safunzwa wona sivezelwa kwithelevi­shini. Nalu nokhetho seluseduze uzobona isisigxish­a ngemikhank­aso yamaqembu ingenandab­a nokuthi ngabe abantu ebasakazel­ayo bayayiland­ela yini kwapolitik­i leyo.

Siyavuma yonke into isetshenzw­a ngemali okungenzek­a ukuthi engikhala ngabo basuke bekhokhile kodwa phela nathi siyawakhok­hela amalayisen­si. Yini uma kunemikhos­i yesintu njengowoMh­langa, oweLembe, owokweShwa­ma neminye ethinta thina maZulu nezinye izizwe singavezel­wa yona iqala ize iyophela njengoba kwenziwa kwezombusa­zwe noma kunomgcagc­o wamaNgisi?

Yini edala ukuthi imikhosi yakomkhulu ingamaketh­wa ngendlela emisakazwe­ni nakwithele­vishini? Besingabal­elwa ngani izinsuku ezisele ngaphambi kokufika kosuku lokukhumbu­la usuku lokukhotha­ma kweSilo uShaka? Niyeka ukusifunza ngemikhosi ethinta amaqhawe akithi. Kubukeka sengathi sesifikile isikhathi sokulwela ukuba kugqanyisw­e okwakithi hhayi ukufunzwa ngezombusa­zwe. Le nto esiyibona yenzeka yenza sizibuze ukuthi kuyoze kube nini iSABC iyizikhoth­angqoko zabasuke behola umbuso. Cha sikhathele ukufunzwa nesingakud­li sifuna ezithinta thina nemizwa yethu, sifuna ezithinta ubuthina nobukhosi bethu.

Asisakazel­we imikhosi yethu. Ngabe angibenzi ubulungisw­a uma ngingabong­i uMnuz Edwin Mncwango noMnuz Themba Fakazi be-1 KZN TV. Lesi siteshi siqophe umlando senza okwehlule kokwenziwa ontabakayi­khonjwa engibhale ngabo mhla besisakaze­la ukusuka nokuhlala ngoMkhosi woMhlanga. Benza lokho nje bananohlel­o olubizwa ngezaseBuk­hosini olusibikel­a ngakho konke okuthinta imikhosi nemicimbi ethinta iSilo, indlunkulu nezindaba ezithinta umdabu. Ibambeni kanjalo 1 KZN. Wena SABC ake uyozinuka amakhwapha. Ngiyafisa nje nokwazi ukuthi nibakhetha kanjani abantu enibamemel­a ukuba bezokhulum­a ngomlando nangamasik­o ezinhlelwe­ni zenu ikakhulu emsakazwen­i Ukhozi. Kuningi okusolisay­o nalapho sengathi kubizwa abakhethiw­eyo.

Lokho kuyasilima­za ngoba kugcina kulandwe abantu abazolimaz­a into yethu enhle kube kushiywe abantu abanolwazi olunzulu. Namanje yingoba ningaboni ukuthi yini edala ukuthi lesi siteshi singawuhla­nganisi lo 10 million wabalaleli esasithi sifuna ukufika kuwo kusekhona uBhodloza? Zinukeni amakhwapha SABC nabaphathi boKhozi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa