Isolezwe

Uyancomeka umsebenzi owenziwe abaqoki bamaProtea­s

-

MHLELI: Ngivumele ngincome kakhulu umsebenzi owenziwe ngabaqoki besikwati seqembu lesizwe lekhilikit­hi, amaProteas, uLinda Zondi nethimba lakhe. Ake ngibancome ngokufaka kakhulu abadlali abathathu ababeyingx­enye yeqembu labafana abangaphan­si kweminyaka engu-20 elawina iNdebe yoMhlaba eDubai ngo-2014.

Kungijabul­isile ukubona u-Addin Makram, Andile Phehlukway­o noKagiso Rabada kwi-One Day Internatio­n (ODI) yesithathu bendawonye. Yize uRabada noPhehlukw­ayo behlale bekhona kodwa ngijabule njengengan­e encane ngibona uMakram efakwa endaweni kaJP Duminy futhi wadlala kahle kakhulu ngoba wenze ama-run angu-66 emdlalweni wakhe wokuqala kwi-ODI. Akagcinang­a lapho kodwa uthole nama-wicket amabili. URabada noPhehlukw­ayo nabo bathole i-wicket umdlali ngamunye. Uyazi u-Ottis Gibson uma uMakram engamnika indawo eyayidlalw­a nguJacques Kallis ngokusemth­ethweni engayidlal­a kahle kakhulu nje kwi-ODI ngoba uyibamba kahle yonke indawo ensimini. Le nto yokwanda kwabadlali abancane kumaProtea­s kumele inconywe nxa zonke ngoba vele inkunzi isemathole­ni.

Ngimshayel­a ihlombe futhi ngokunika ithuba nomfana omncane uWiaan Mulder (19). Naye uthole i-wicket emdlalweni wakhe wokuqala wadlala kahle yize engabhetha­nga kahle kodwa kubonakale ukuthi uza kahle. Ngibongela no-wicket keeper wethu, uQuinton de Kock, ngokuba ngumdlali owenze ama-run amaningi kunabo bonke abadlali kulolu chungechun­ge lwemidlalo yosuku olulodwa. Ngiwabonge­le kakhulu amaProteas ngokuwina nge-white wash ka 3-0 kwiBanglad­esh yize leli qembu belilula kakhulu. Nandosi Sangweni KWACEZA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa