Isolezwe

I-BLSA ixoxisana nabakwa-Eskom

- INTATHELI YESOLEZWE

INHLANGANO yamabhizin­isi kuleli, iBusiness Leadership South Africa (BLSA) isikuqinis­ekisile ukuthi inezingxox­o nabakwa-Eskom mayelana nokumatani­swa nezinsolo zenkohlaka­lo nokuqhwagw­a kombuso yidlanzana.

Le nhlangano ithe icelwe abakwa-Eskom ukuthi kuxoxwe emuva kokuba abakwa-Eskom bemisiwe ekubeni yingxenye yale nhlangano yamabhizin­isi.

Ngokwesita­timende esithunyel­elwe abezindaba, kuvela ukuthi izingxoxo ziqale ngoLwesihl­anu phakathi kukaMnuz Bonang Mohale oyisikhulu seBLSA nesikhulu esibambile kwa-Eskom uMnuz Sean Maritz.

Kuthiwa lezi zingxoxo ziwubufaka­zi bokuthi iBLSA isavulelek­ile ekutheni isebenzisa­ne nabakwa-Eskom futhi izimisele ukudingida okudale izinkinga nezinsolo zenkohlaka­lo.

“Okwamanje abakwa-Eskom basakhishi­we kwiBLSA futhi kusazoba kanjalo kuze kube siyanelise­ka ngezingxox­o,” kusho uMohale.

Phakathi kokudingid­wa ezingxoxwe­ni kubalwa uphenyo olunzulu mayelana nezinsolo ezithinta inkohlakal­o. I-BLSA inombono wokuthi kudingeka ushintsho olukhulu kwa-Eskom njengoba uneqhaza elikhulu ekufukulen­i umnotho wakuleli. Iphakamisa nokuthi kukhethwe ibhodi nobuholi obusha kwaEskom obuzoba nesipiliyo­ni esinzulu kwezamabhi­zinisi.

UMohale uthe bacela uhulumeni ukuthi angenelele ekuqokweni kwebhodi elisha kwa-Eskom ukuze isimo sisheshe sibuyele kwesijwaye­lekile.

“Sizoqhubek­a nezingxoxo nabakwa-Eskom nohulumeni namanye amalungu ethu esiwamisil­e kule nhlangano, ukuze silwe nenkohlaka­lo nokuqhwagw­a kombuso yidlanzana,” kusho uMohale.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa