Aqukethe lukhulu ama-diary
ZINKULU izimfihlo eziqukethwe emabhukwaneni abizwa ngama-diary, abanye abathululela zonke izinkinga zabo kuwo. Yize abanye bewasebenzisela ukuhlela imihlangano nezinhlelo zamabhizinisi, kukhona abawasebenzisela ukubhala konke okwenzeka empilweni yabo. Abanye alupheli usuku bengakubhalanga kwi-dairy okwenzekile, kwesinye isikhathi lokhu kuyindlela yokuhlale bekhumbula izinsuku ezimnandi nezibalulekile. Kubhalwa izimfihlo ezinkulu kuma-diary kanti abanye baze bawakhiye ukuze avulwe yibona kuphela.
Efilimini kaTyler Perry ethi Diary Of A Mad Black Woman, uHelen (Kimberley Elise) obehlukunyezwa yindoda, belungapheli usuku engabhalanga kwi-diary. Ngisho sekumhambela kahle kwezothando imizwa yakhe ubeyiveza ngokubhala kuyona.
Omunye angazibuza ukuthi kusiza ngani ukubhala izimfihlo kwi-diary? UNksz Sithembile Mkhize uthe le ncwadi kumele ibe yimfihlo yomuntu ngeke athande ifundwe omunye.
“Kumele kube yibhuku lami lezimfihlo, ingafundwa uma ngingasekho. Ngaphoxeka kabi ngelinye ilanga ngibuya esikoleni umama engayile emsebenzini. Ngafika ekade ekhuculula endlini wathola i-diary yami wayifunda. Nokho kwangisiza ngezinye izindlela ukuthi ayifunde ngoba angiphindanga ngathola isibhaxu okuyinto eyayingiphatha kabi engayibhala khona,” kusho uSthembile.
UNksz Sane Zungu uthe usayeka ukubhala kwi-diary ngoba akumsizanga.
“Akuzange kuzixazulule izinkinga zami ukubhala kwidiary, yingakho sengakhetha ukubhekana nenkinga ngqo. Kungcono ukubhekana nenkinga noma umuntu udlule bese uqhubeka nempilo. Ngafunda ukuthi ukubhala kwi-diary kungibuyisela emuva nasezintweni esesidlulile kuzo njengomndeni. Nganquma ukuwalahla wonke ama-diary ami ukuze ngidlulise konke engakubhala kuwona,” kusho uNksz Zungu.
UNksz Lungile Khumalo uthe waqala esafunda emabangeni aphansi ukubhala kwi-diary athe yayinokhiye. Yize ethi akukho zimfihlo ayezibhala kuyo kodwa ubeyithatha njengomngani amxoxela zonke izigigaba zempilo yakhe. Namanje uthe usabhala kuyo futhi imsiza nangokumkhumbuza izikhathi ezimnandi adlule kuzo ngoba akayilahli. Abanye bathe abazali babo bafunda ama-diary ngoba befuna ukubona ukuthi izingane azinazo yini izinkinga. Ongoti bathi ukubhala kwi-diary akuyona indlela yokugcina izimfihlo ngoba akuqinisekisiwe ukuthi ayisoze ifundwe ngomunye umuntu.
UDkt James Pennebaker oyiPsychologist, ophinde abe ngungoti kwezokubhala, uthe ukubhala kwi-diary kwehlisa ukhwantalala nengcindezi.