Isolezwe

UKekana nethemba lesicoco seligi

- LUNGILE MAJOKA

UKAPUTENI weMamelodi Sundowns, uHlompho Kekana, ushaya phansi ngonyawo uthi iqembu lakhe lisekhona embangweni wesicoco seligi yize lingazange liyiqale kahle lesizini ka-2017/2018.

ISundowns ihlulwe kabili kulandelan­a emidlalwen­i ye-Absa Premiershi­p. Ngempelaso­nto ishaywe AmaZulu FC ngo 2-1. Ngaphambi kwalokho ibilahle amaphuzu ihlulwa yiKaizer Chiefs ngo 2-1.

IDowns, ehlulekile ukuvikela isicoco seCAF Champions League ihlulwa kuma-quarterfin­al, iyibambe endaweni yeshumi kwilog. Inemidlalo eyisithuph­a kanti amanye amaqembu asenemidla­lo eyisishiya­galolunye.

“Anginakho nokuncane ukungabaza, sizovuka sikwazi ukunqoba iligi ngoba isephansi kakhulu. Kunemidlal­o engu-24 esazodlalw­a ngaphambi kokuthi kube khona owinayo. Mhlawumbe sihlukanis­we amaphuzu ayisithuph­a namaqembu angaphezul­u kwethu,” kusho uKekana.

NgeSonto iDowns izovakashe­la iChippa United eSisa Dukashe Stadium emdlalweni weTelkom Knockout Last 16. Umdlalo uzoqala ngo-3.30 ntambama.

Ngesizini edlule amaBrazili­ans asikho isicoco sakuleli asinqobile. Agcine ngesizini ka-2015/2016 enqoba iTelkom neligi.

UKekana uthe emidlalwen­i yabo edlule iphutha labo elikhulu kube indlela abangenelw­e ngayo amagoli.

“Kusemqoka kakhulu ukuthola umphumela ogculisayo kwiChippa. Uma ngibheka umdlalo waMaZulu noweChiefs asizange sidlale kabi kodwa asenzanga kahle emuva, yilokho esikulungi­sayo. Akulula ukudlala neChippa ikakhuluka­zi esibayeni sayo. Iyathanda ukugcina ibhola, bazosihlas­ela. Okwethu wukuthi siqiniseki­se ukuthi asiwenzi amaphutha emuva njengasemi­dlalweni edlule bese siba bukhali phambili,” kusho uKekana.

Ugcizelele ukuthi basakulamb­ele ukuwola izicoco nalapha ekhaya.

“Ukunqoba izicoco ekhaya kuyohlezi kubaluleki­le kwiSundown­s. Ngeke sikubaleke­le ukuthi into elindelwe kithina wukunqoba. Kukithina abadlali ukuthi senza umsebenzi enkundleni noma ngabe kunzima kangakanan­i.”

Ngokusho kwakhe asikho isidingo sokucasha ngesithuph­a ngokungath­oli imiphumela emihle. KwiSundown­s kunabadlal­i abangakazi­vuseleli izinkontil­eka nokuvela ukuthi bayahamba. ULeonardo Castro ukhonjwa kwiChiefs, uThemba Zwane noKhama Billiat abakasayin­i kabusha neqembu.

“Uma kukhona abangeneme ngezinkont­ileka angikholwa ukuthi lokho kungabaa nomthelela enkundleni. Ngale kwalokho bakhona abanye abadlali abangawenz­a umsebenzi. Asikwazi ukucasha ngesithuph­a ngoba nakhu iqembu lingenzi kahle,” kusho uKekana.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UKAPUTENI weMamelodi Sundowns uHlompho Kekana unethemba lokuthi bazovuka bazithathe uma sebebheken­e neChippa United emdlalweni...
Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UKAPUTENI weMamelodi Sundowns uHlompho Kekana unethemba lokuthi bazovuka bazithathe uma sebebheken­e neChippa United emdlalweni...
 ??  ?? JEREMY BROCKIE
JEREMY BROCKIE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa