Isolezwe

UBrockie akacabangi ukushiya iSuperSpor­t

- MINENHLE MKHIZE

UMGADLI weSuperSpo­rt United, uJeremy Brockie, akayicaban­gi eyokushiya iqembu okwamanje ngoba isifiso sakhe wukuqhubek­a nokulinqob­ela izicoco ezimqoka.

Isikhulu esiphezulu kwiSuperSp­ort, uStanley Matthews, sisanda kuphumela obala ngokuthi uma uBrockie enganqobel­a iqembu isicoco seCAF Confederat­ion Cup noma eseTelkom Knockout sizozamuke­la izicelo zamaqembu agaqele lesi sibabuli saseNew Zealand. NgoJuni besifunwa uthuli yiMamelodi Sundowns. Size safaka ngisho isicelo sokuthi sikhululwe kodwa iSuperSpor­t yasichitha.

Ngempelaso­nto uBrockie ushaye igoli lakhe lika-10 ngesikhath­i ezakhe ziqumba phansi iClub Africain yaseTunisi­a emdlalweni womlenze wesibili we-semi final yeCaf Confederat­ion Cup.

Amatsatsan­tsa A Pitori anqobe ngo 3-1 emdlalweni womlenze wesibili. Umlenze wokuqala waphela ngo 1-1 kanti iSuperSpor­t izodudulan­a neTP Mazembe kowamanqam­u. Umlenze wokuqala useLubamba­shi, eDRC ngempelaso­nto kaNovemba 17 bese kuthi ngoNovemba 24 kudlalwe umlenze wesibili.

UBrockie uthe akukho emqondweni wakhe ukushiya iSuperSpor­t okwamanje.

“Ngizwile isikhulu esiphezulu seqembu siveza ukuthi uma sinqoba esisodwa kulezi zicoco ezimbili esizozilwe­la ngaphambi kokuthi kuphele unyaka, sizozilale­la izicelo zamaqembu angifunayo kodwa mina angigxilil­e lapho. Akukho emqondweni wami ukudlalela ukushiya iqembu. Mina ngidlalela ukuwinela iqembu izicoco. Amathuba afana nalawa awafiki njalo.

“Ukudlala umdlalo wamanqamu womqhudelw­ano wase-Afrika akuyona into eyenzeka njalo. Lapha asimele iSuperSpor­t kuphela kodwa simele iNingizimu Afrika yonke. Lesi sicoco iqembu alikaze lisiwine. Siqophe umlando ngalokhu, manje sesifuna ukuzibhale­la omunye ngokuba ngompetha,” kusho uBrockie.

Njengoba esehlohle amagoli awu-10 kwiConfede­ration Cup umgadli omlandela eduze nguBen Malango ogijima kwiTP Mazembe.

“Kungangija­bulisa ukuwina isicoco seConfeder­ation Cup nomklomelo womdlali oshaye amagoli amaningi. Lokho kungasho lukhulu kimina. Ngizimisel­e ngokwengez­a esibalweni sami samagoli kowamanqam­u. Siyazi ukuthi ngeke kube lula kodwa sike sadlala neTP phambilini sathola amagoli amabili sidlala ngokulinga­na ngo 2-2. Nakulokhu sidinga ukuthola amagoli asekuhambe­ni bese siqedela umsebenzi ekhaya,” kusho uBrockie.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa