UMANYAMA ETHUBENI LOKUSEBENZA NO-ERTUGRAL E-TURKEY
ANGASE abe nenhlanhla enkulu umdlali weBafana Bafana okuthe kusajatshulelwa ukuthi uthole inkontileka enhle neqembu laseTurkey kodwa wafica izinto zinzima.
Lo mdlali uPotshoza akhuluma ngaye uLebohang Manyama ofike kwiKonyaspor ngesikhathi esibi ilwa impi yezembe. Iqhawe lakho uPotshoza lihoshe ukuthi njengoba iKonyaspor idonsa kanzima nje, abaphathi bayo sebeqalile bayaqalaza ngenhloso yokushintsha umqeqeshi.
UManyama usanda kutshela uPotshoza ukuthi uthwele kanzima kangakanani eTurkey njengoba yonke into iseyintsha kuyena. Uzokujabulela kakhulu ukuthola ukuthi omunye wabaqeqeshi ababhekwe yiKonyaspor, uMuhsin Ertugral okunguyena futhi omhlanganisele ukuthi athole umsebenzi kuleli qembu.
U-Ertugral oseqeqeshe inqwaba yamaqembu eNingizimu Afrika okubalwa kuwona nezinkunzi zaseSoweto, usohlwini lwabaqeqeshi okuzobhekwa kubona uma sekuqokwa umqeqeshi omusha weKonyaspor. Muva nje kubikwe ukuthi u-Ertugral odabuka khona eTurkey uthole umsebenzi wethelevishini kuleliya lizwe njengoba sekuvela ukuthi angase aqashwe kuleli qembu likaManyama.
Lo mqeqeshi obuye asebenze kwiFifa ukucubungula ukukhula kukanobhutshuzwayo, uke wasebenza noManyama kwiMpumalanga Black Aces. Ezivela eTurkey zithi iKonyaspor isihlukanisile nomqeqeshi wayo uResit Akay kulandela ukuthola kwayo induku ngempelasonto ivela kuKayserispor. ayisho ukuthi ngeke ube neqembu kwi-PSL uma ungeyena owakuleli yinqobo nje uma beyilandele.”