Isolezwe

ABASE-SWAZILAND BAFUNA UKWENZA ESE-SWANSEA KWI-PSL

-

I-PREMIER Soccer League (PSL) izobhunga ngesifiso sesikhulu seMbabane Swallows yaseSwazil­and sokuthenga iqembu elizodlala esigabeni esikhulu saseNingiz­imu Afrika. Nakuba kusekude ukuthi lokhu kwenzeke uPotshoza usukunyisw­e yizimpendu­lo zePSL uma ibuzwa ngalokhu.

Indaba iqale ngokuthi uVictor Gamedze ekubeke kwacaca ukuthi yena nabathile asizana nabo basemqondw­eni wokuthenga iqembu elizodlala kwiPSL. Ukusho lokhu kwiMbabane Swallows TV okuwuhlelo lwethelevi­shini olufanayo nolweKaize­r Chiefs, Orlando Pirates neMamelodi Sundowns.

Ngokuthola kukaPotsho­za uGamedze uthe: “Mina nalaba engibambis­ene nabo sicabanga ukukhuluma ne-PSL ngenhloso yokuthenga iqembu elizodlala kuyona. Maningi futhi angcono amathuba kwiPSL. Ngiyazi asibona abakhona eNingizimu Afrika kodwa umqondo esinawo lona. Kusemqoka kithina ukudlala kwi-PSL ngoba lapho sizothola ubunzima hhayi lokhu kuzitamuze­la esikwenza ekhaya.”

NgokukaGam­edze, usekhathel­e ukuqukula izindebe ekubeni bengavivin­yiwe.

“Sifuna into ehlukile kodwa enesigqi kunale esesiyijwa­yele. Akusemnand­i kimina ngoba siyazenzel­a kuyona yonke imiqhudelw­ano. Njalo siqukula inkomishi kodwa izivivinyo dololo. Kungcono sithenge kwi-PSL mhlawumbe umuntu uzoke athole izinto ezingajway­elelkile.”

ULux September okhulumela i-PSL uthe: “Angikwazi ukugeqa amagula ngalokhu ngoba into engakaze yenzeke kwiligi yethu. Kunemiband­ela ekhona nasebhukwi­ni omthethosi­sekelo uma iqembu lizophathw­a umuntu ongeyena owokuzimil­ela eNingizimu Afrika. Imigudo elandelway­o miningi kodwa futhi yona (imigudu) leyo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa