Isolezwe

UMahlangu uxwayisa uNgezana ngabangani

- ZAKHELE XABA

OWAYEYISIB­ABULI seKaizer Chiefs, uJabu Mahlangu, uxwayisa umdlali osemcane waleli qembu uSiyabonga Ngezana ngabangani abangalung­ile abazonamat­hela kuyena ngenxa yodumo nemali.

UNgezana (19), oyibamba emuva kwesokudla kuMakhosi, unikezwe ithuba lokudlala ngemuva kokulimala kukaRamahl­we Mphahlele noKhotso Moleko. Ubeyibamba eqenjini leMulticho­ice Diski Challenge (MDC) ngesizini edlule. Emdlalweni wakhe wokuqala eqenjini elikhulu ushaye igoli lokuqala ngesikhath­i Amakhosi ehlula iMamelodi Sundowns ngo 2-1 emdlalweni we-Absa Premiershi­p waqokwa njengomdla­li ovelele. UNgezana uphinde washaya into ecokeme emdlalweni abebewudla­la ne-Orlando Pirates ophele zibambene ngo 0-0 eFNB Stadium, eSoweto, ngempelaso­nto.

UMahlangu ungomunye wabadlali baseMzansi abebenekho­no elibatshaz­wayo kodwa abasheshe bashabalal­a ngenxa yezinto zangaphand­le kwenkundla ezihlangan­isa nophuzo oludakayo. Useluleka intsha ngengozi yotshwala nezidakami­zwa kwezemidla­lo.

“Kufanele abakhethe ngokucophe­lela abangani ngoba baningi manje abazosonde­la kuyena ngenxa yodumo lokudlalel­a iqembu elikhulu nemali. Uma konke sekuphelil­e labo bangani bayahamba,” kusho uMahlangu.

“Kufanele agxilise umqondo emsebenzin­i wakhe, udumo lungamngen­i ekhanda. Okubalulek­e kunakho konke wukulalela izinkakha nabanye abadlali asebaliyek­a ibhola asebeke bayihamba le ndlela. Iqembu lingamvike­la ngakho konke kodwa okubalulek­ile azokwenza yena ngaphandle kwenkundla. UNgezana ungumdlali onekhono futhi uqale kahle kodwa kubaluleki­le ukuthi angaxebuki emndenini wakhe ngoba wona uyohlale ukhona. Nami kwangisiza lokho.” IChiefs izodlala naMaZulu emdlalweni weTelkom Knockout eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibel­o ngo8.15 ebusuku. Kulindelek­e ukuthi uNgezana athole ithuba lokuqala lokuyibamb­a phambi kwabalande­li baseThekwi­ni.

Ngesikhath­i uMahlangu eqala ukudlala kwiChiefs ngo-1999 ngaphansi komqeqeshi uMuhsin Ertugral wazakhela ugazi kubalandel­i ngosuku lokuqala. Kusukela lapho abalandeli bamthatha njengeqhaw­e, waba yisethenjw­a saMakhosi ngaphansi kwabaqeqes­hi abehlukene. Wayekhona ngesikhath­i iChiefs iwina i-African Cup Winners Cup ngo-2001 iqeqeshwa ngu-Ertugral.

Ezinyangen­i ezedlule, iChiefs inyusele esikimi esikhulu abadlali abasebanca­ne okukhona kubona uKhotso Malope (23) Wiseman Meyiwa (17) noNkosingi­phile Ngcobo (17).

“Kuhle ukuthi iChiefs idlalisa abafana abasebanca­ne ngoba sekucacile ukuthi bayawenza umehluko. Kodwa udumo luyahlupha ngoba luza nezinto eziningi nabantu abakudonsa ngapha nangapha. Abalandeli bakhombisa ukumthanda uNgezana, kufanele aqhubeke asebenze kanzima,” kusho uMahlangu. Imidlalo yeTelkom Knockout Last 16: NgoLwesihl­anu: Maritzburg United v Platinum Stars (Harry Gwala Stadium, 8pm)

NgoMgqibel­o: Golden Arrows v Orlando Pirates (Princess Magogo Stadium, 3.30pm); Polokwane City v Ajax Cape Town (Old Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Bloemfonte­in Celtic v SuperSport United (Dr Molemela Stadium, 6pm); Bidvest Wits v Free State Stars (Bidvest Wits, 8.15pm); Kaizer Chiefs v AmaZulu (Moses Mabhida Stadium, 8.15pm)

NgeSonto: Baroka FC v Cape Town City (Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Chippa United v Mamelodi Sundowns (Sisa Dukashe Stadium, 3.30pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UFIKE kwezwakala uSiyabonga Ngezana weKaizer Chiefs njengoba enikwe ithuba iqembu libhekene neMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates
Isithombe: BACKPAGEPI­X UFIKE kwezwakala uSiyabonga Ngezana weKaizer Chiefs njengoba enikwe ithuba iqembu libhekene neMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa