Isolezwe

Uzoguqula inhlanhla ye-Arrows uChideu

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMGADLI omusha weLamontvi­lle Golden Arrows, uThomas “Zaza” Chideu unecebo elingasiza umqeqeshi wakhe uClinton Larsen, aqede ukuba yithofi kwaBafana Be’sthende kwi-Orlando Pirates.

La maqembu azodudulan­a kwiLast 16 yeTelkom Knockout ngoMgqibel­o ngo-3.30 ntambama, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

UChideu (21) usanda kusayina kwi-Arrows esuka kwi-Ajax Cape Town yize engazange abe nesikhathi esimnandi eKapa. Lo mgadli waseZimbab­we ubingelele abalandeli be-Arrows ngegoli lokulingan­isa sekuvalwe amehlo bebhekene nePolokwan­e City ngempelaso­nto.

Leli goli uChidue ulishaya nje ulakhelwe uKnox Mutizwa ongomunye wabagadli abenza kahle kwi-Arrows kusukela efikile ngesizini edlule. UChideu uthe ukudlalisw­a noMutizwa ngesikhath­i esisodwa yikhona okungaba ukhiye wokugqobho­za iPirates.

“Ngikhule naye uKnox futhi uyangazi engikufuna­yo enkundleni nami ngokunjalo yinto efanayo. Ngeke ngimshayel­e umthetho umqeqeshi ngokuthi akadlalise bani ngoba uyena owazi kangcono kodwa ukudlala kwami noMutizwa kungaba nezithelo eqenjini njengoba besenza eminyakeni edlule sidlala ndawonye kwiHighlan­ders ngasekhaya,” kusho uChideu.

Ukuba khona kukaMutizw­a, Kudakwashe Mahachi noDanny Phiri kwi-Arrows kumenzele yonke into yaba lula uChideu ngoba uyabazi nasemaqenj­ini esizwe.

“Ngamukelwe ngenkulu imfudumalo. Lokhu kungenze ngabona ukuthi isinqumo engisithat­hile siphusile. Ukuba khona kwabakhaya kungenza ngijwayele ngokushesh­a. Akukho engingakut­hembisa abalandeli ngaphandle kokuthi ngizobaseb­enzela ngakho konke enginakho,” kusho lo mgadli othe akayibambe­le gqubu i-Ajax.

“Konke lapho ngihamba khona abantu bangibuza nge-Ajax. Angisekho lapho mina. Kufana nekhasi eselivaliw­e kodwa ngeke ngiliyeke ithuba lokubonga i-Ajax ngokungenz­a indoda kumbe umdlali ongcono.”

Mayelana nomlando ongemuhle we-Arrows uma ibhekene nePirates uChideu uthe kuzoba nzima.

“Sibhekene neqembu elikhulu futhi elidlala kahle kulezi zinsuku. Kuhle lokhu ngoba nabo babhekene nathi kwazise sibaphethe baningi abadlali abangaba yinkinga kubona. Umlando awumuhle kodwa iqiniso limile ekutheni inhloso yomlando ukuthi kuqoshwe omusha. Yilokho kanye esikucaban­gayo ngaphambi kwalo mdlalo,” kusonga uChideu.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTHOMAS Chideu weLamontvi­lle Golden Arrows ejabulela igoli lakhe noKudakwas­he Machi ngesikhath­i bebhekene nePolokwan­e City kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTHOMAS Chideu weLamontvi­lle Golden Arrows ejabulela igoli lakhe noKudakwas­he Machi ngesikhath­i bebhekene nePolokwan­e City kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa