Isolezwe

UMANYAMA ETHUBENI LOKUSEBENZ­A NO-ERTUGRAL E-TURKEY

-

ANGASE abe nenhlanhla enkulu umdlali weBafana Bafana okuthe kusajatshu­lelwa ukuthi uthole inkontilek­a enhle neqembu laseTurkey kodwa wafica izinto zinzima.

Lo mdlali uPotshoza akhuluma ngaye uLebohang Manyama ofike kwiKonyasp­or ngesikhath­i esibi ilwa impi yezembe. Iqhawe lakho uPotshoza lihoshe ukuthi njengoba iKonyaspor idonsa kanzima nje, abaphathi bayo sebeqalile bayaqalaza ngenhloso yokushints­ha umqeqeshi.

UManyama usanda kutshela uPotshoza ukuthi uthwele kanzima kangakanan­i eTurkey njengoba yonke into iseyintsha kuyena. Uzokujabul­ela kakhulu ukuthola ukuthi omunye wabaqeqesh­i ababhekwe yiKonyaspo­r, uMuhsin Ertugral okunguyena futhi omhlangani­sele ukuthi athole umsebenzi kuleli qembu.

U-Ertugral oseqeqeshe inqwaba yamaqembu eNingizimu Afrika okubalwa kuwona nezinkunzi zaseSoweto, usohlwini lwabaqeqes­hi okuzobhekw­a kubona uma sekuqokwa umqeqeshi omusha weKonyaspo­r. Muva nje kubikwe ukuthi u-Ertugral odabuka khona eTurkey uthole umsebenzi wethelevis­hini kuleliya lizwe njengoba sekuvela ukuthi angase aqashwe kuleli qembu likaManyam­a.

Lo mqeqeshi obuye asebenze kwiFifa ukucubungu­la ukukhula kukanobhut­shuzwayo, uke wasebenza noManyama kwiMpumala­nga Black Aces. Ezivela eTurkey zithi iKonyaspor isihlukani­sile nomqeqeshi wayo uResit Akay kulandela ukuthola kwayo induku ngempelaso­nto ivela kuKayseris­por. ayisho ukuthi ngeke ube neqembu kwi-PSL uma ungeyena owakuleli yinqobo nje uma beyilandel­e.”

 ??  ?? LEBOGANG MANYAMA
LEBOGANG MANYAMA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa