ABASE-SWAZILAND BAFUNA UKWENZA ESE-SWANSEA KWI-PSL
I-PREMIER Soccer League (PSL) izobhunga ngesifiso sesikhulu seMbabane Swallows yaseSwaziland sokuthenga iqembu elizodlala esigabeni esikhulu saseNingizimu Afrika. Nakuba kusekude ukuthi lokhu kwenzeke uPotshoza usukunyiswe yizimpendulo zePSL uma ibuzwa ngalokhu.
Indaba iqale ngokuthi uVictor Gamedze ekubeke kwacaca ukuthi yena nabathile asizana nabo basemqondweni wokuthenga iqembu elizodlala kwiPSL. Ukusho lokhu kwiMbabane Swallows TV okuwuhlelo lwethelevishini olufanayo nolweKaizer Chiefs, Orlando Pirates neMamelodi Sundowns.
Ngokuthola kukaPotshoza uGamedze uthe: “Mina nalaba engibambisene nabo sicabanga ukukhuluma ne-PSL ngenhloso yokuthenga iqembu elizodlala kuyona. Maningi futhi angcono amathuba kwiPSL. Ngiyazi asibona abakhona eNingizimu Afrika kodwa umqondo esinawo lona. Kusemqoka kithina ukudlala kwi-PSL ngoba lapho sizothola ubunzima hhayi lokhu kuzitamuzela esikwenza ekhaya.”
NgokukaGamedze, usekhathele ukuqukula izindebe ekubeni bengavivinyiwe.
“Sifuna into ehlukile kodwa enesigqi kunale esesiyijwayele. Akusemnandi kimina ngoba siyazenzela kuyona yonke imiqhudelwano. Njalo siqukula inkomishi kodwa izivivinyo dololo. Kungcono sithenge kwi-PSL mhlawumbe umuntu uzoke athole izinto ezingajwayelelkile.”
ULux September okhulumela i-PSL uthe: “Angikwazi ukugeqa amagula ngalokhu ngoba into engakaze yenzeke kwiligi yethu. Kunemibandela ekhona nasebhukwini omthethosisekelo uma iqembu lizophathwa umuntu ongeyena owokuzimilela eNingizimu Afrika. Imigudo elandelwayo miningi kodwa futhi yona (imigudu) leyo