UMahlangu uxwayisa uNgezana ngabangani
OWAYEYISIBABULI seKaizer Chiefs, uJabu Mahlangu, uxwayisa umdlali osemcane waleli qembu uSiyabonga Ngezana ngabangani abangalungile abazonamathela kuyena ngenxa yodumo nemali.
UNgezana (19), oyibamba emuva kwesokudla kuMakhosi, unikezwe ithuba lokudlala ngemuva kokulimala kukaRamahlwe Mphahlele noKhotso Moleko. Ubeyibamba eqenjini leMultichoice Diski Challenge (MDC) ngesizini edlule. Emdlalweni wakhe wokuqala eqenjini elikhulu ushaye igoli lokuqala ngesikhathi Amakhosi ehlula iMamelodi Sundowns ngo 2-1 emdlalweni we-Absa Premiership waqokwa njengomdlali ovelele. UNgezana uphinde washaya into ecokeme emdlalweni abebewudlala ne-Orlando Pirates ophele zibambene ngo 0-0 eFNB Stadium, eSoweto, ngempelasonto.
UMahlangu ungomunye wabadlali baseMzansi abebenekhono elibatshazwayo kodwa abasheshe bashabalala ngenxa yezinto zangaphandle kwenkundla ezihlanganisa nophuzo oludakayo. Useluleka intsha ngengozi yotshwala nezidakamizwa kwezemidlalo.
“Kufanele abakhethe ngokucophelela abangani ngoba baningi manje abazosondela kuyena ngenxa yodumo lokudlalela iqembu elikhulu nemali. Uma konke sekuphelile labo bangani bayahamba,” kusho uMahlangu.
“Kufanele agxilise umqondo emsebenzini wakhe, udumo lungamngeni ekhanda. Okubaluleke kunakho konke wukulalela izinkakha nabanye abadlali asebaliyeka ibhola asebeke bayihamba le ndlela. Iqembu lingamvikela ngakho konke kodwa okubalulekile azokwenza yena ngaphandle kwenkundla. UNgezana ungumdlali onekhono futhi uqale kahle kodwa kubalulekile ukuthi angaxebuki emndenini wakhe ngoba wona uyohlale ukhona. Nami kwangisiza lokho.” IChiefs izodlala naMaZulu emdlalweni weTelkom Knockout eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo8.15 ebusuku. Kulindeleke ukuthi uNgezana athole ithuba lokuqala lokuyibamba phambi kwabalandeli baseThekwini.
Ngesikhathi uMahlangu eqala ukudlala kwiChiefs ngo-1999 ngaphansi komqeqeshi uMuhsin Ertugral wazakhela ugazi kubalandeli ngosuku lokuqala. Kusukela lapho abalandeli bamthatha njengeqhawe, waba yisethenjwa saMakhosi ngaphansi kwabaqeqeshi abehlukene. Wayekhona ngesikhathi iChiefs iwina i-African Cup Winners Cup ngo-2001 iqeqeshwa ngu-Ertugral.
Ezinyangeni ezedlule, iChiefs inyusele esikimi esikhulu abadlali abasebancane okukhona kubona uKhotso Malope (23) Wiseman Meyiwa (17) noNkosingiphile Ngcobo (17).
“Kuhle ukuthi iChiefs idlalisa abafana abasebancane ngoba sekucacile ukuthi bayawenza umehluko. Kodwa udumo luyahlupha ngoba luza nezinto eziningi nabantu abakudonsa ngapha nangapha. Abalandeli bakhombisa ukumthanda uNgezana, kufanele aqhubeke asebenze kanzima,” kusho uMahlangu. Imidlalo yeTelkom Knockout Last 16: NgoLwesihlanu: Maritzburg United v Platinum Stars (Harry Gwala Stadium, 8pm)
NgoMgqibelo: Golden Arrows v Orlando Pirates (Princess Magogo Stadium, 3.30pm); Polokwane City v Ajax Cape Town (Old Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Bloemfontein Celtic v SuperSport United (Dr Molemela Stadium, 6pm); Bidvest Wits v Free State Stars (Bidvest Wits, 8.15pm); Kaizer Chiefs v AmaZulu (Moses Mabhida Stadium, 8.15pm)
NgeSonto: Baroka FC v Cape Town City (Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Chippa United v Mamelodi Sundowns (Sisa Dukashe Stadium, 3.30pm)