Isifo sohlangothi siyagwemeka
UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natali uzimisele ukuqhubeka nokuqwashisa umphakathi ngobungozi bezifo ezigadla kungazelele muntu, zithathe imiphefumulo zishiye kukhalwa, njengesifo sohlangothi.
Ngokwenhlangano yesifo sohlangothi iHeart and Stroke Foundation South Africa, isifo sohlangothi, esihlobene nesenhliziyo, singesesibili esibulala kakhulu abesifazane futhi sihlasela bona kakhulu ngoba yibo abakhuluphele kakhulu uma beqhathaniswa nabesilisa.
Ngaphezu kwalokhu abesifazane yibo abahlaselwa wukwenyuka komfutho wegazi ngesikhathi bekhulelwe, benokhwantalala nengcindezi yomphefumulo. Le nhlangano ithi bangu-150 abantu abahlaselwa yisifo sohlangothi kuleli ngosuku kanti ngonyaka balinganiselwa ku-4 000 abashonayo.
Njengoba imikhakha eyahlukene yezempilo emhlabeni izoba semikhankasweni yokusabalalisa ulwazi ngesifo sohlangothi ngo-Okthoba 29, okuyiWorld Stroke Day, sifisa ukukhumbuza abantu ukuthi lesi sifo siyagwemeka.
Sidalwa yini isifo sohlangothi?
Lesi sifo sigadla ngesikhathi kuvaleka noma kuqhuma imithambo yegazi ehambisa i-oxygen emqondweni. Abantu abasengcupheni yilabo ababhemayo, abakhuluphele kakhulu, abanomfutho wegazi ophezulu nabanesifo sikashukela.
Nakuba kwenzeka ukuthi umuntu abe nezingqinamba ezingamubeka engcupheni yokuba nesifo sohlangothi ngenxa yofuzo kodwa esikhathini esiningi lokhu kudalwa ukudla okungenamsoco, okunamafutha nosawoti omningi, ukubhema ugwayi, ukucwila ezinkambeni zikaFaro, ukungazivocavoci – okungaholela ekukhuluphaleni ngokweqile - nokukhandleka ngokomqondo.
Sesiyazi ukuthi ingcindezi enkulu yezifo esibhekene nayo ibangwa yizifo ezithelelayo nezingathathelani. Kulezi zifo singabala ezingamahlalakhona (njengesohlangothi, esomfutho wegazi ophezulu, esikashukela, umdlavuza nesezinso); yinhlanganisela yeHIV, TB ne-AIDS; ukushona komama uma beyoteta nezingane zabo; nezigameko zokuhlukumezeka ngenxa yokulimala ezingozini zomgwaqo nokulinyazwa ngezikhali ezinhlobonhlobo.
Lapha KwaZulu-Natal baningi abantu abaphethwe yinhlanganisela yalezi zifo, nokwenza amasosha abo omzimba abe buthakathaka. Uma labantu behlaselwa wukugula, bekhulelwa noma belimala lokhu kubafaka esimeni sempilo esixakile, bese kuba nzima ukubelapha. Konke lokhu kwenza abantu basheshe bagule, bagcine beshone isikhathi singakashayi, bese beshiya izintandane kungenasidingo.
Le ngcindezi yezifo iphinde idle enkulu imali, yenze kube nzima nakuhulumeni ukuba ahlinzeke umphakathi ngezinsiza ngokufanele njengoba izikhungo zezempilo zigcwele ziphuphuma. Ngokubambisana singasiguqula lesi simo.
Kuningi esingakufunda emazweni afana noChina, Cuba neBrazil ngokuqhakambisa kwawo ukugwema izifo. Izakhamuzi zalamazwe azethembele ekwelashweni, kodwa ziyakuqonda ukuthi impilo yazo isezandleni zazo, yingakho ziphila kahle, nakade. Lokhu kuyawasiza lamazwe ngoba ohulumeni bawo bonga imali futhi awalahlekelwa wumlando wawo namasiko ngoba abantu abadala bahlale bekhona ukugcina izinto ezingamagugu esizwe bazidlulisele kwizizukulwane. Nathi singakwenza lokhu.
Yini ongayenza ukugwema isifo sohlangothi?
Lezi zifo ezingamahlalakhona – ezinye zazo eziholela esifeni sohlangothi - singazinciphisa ngokuzijwayeza ukuzivocavoca, sivakashele nasemtholampilo okungenani kanye ngonyaka ukuze sithole ukuhlolwa. Ukuzijwayeza ukuyohlolwa emtholampilo ngaphandle kokulinda ukuthi uze ugule kungasiza ngokuthi kusheshe kubonakale uma usengcupheni.
Abezempilo bazobe sebekweluleka ngokuthi ungayiguqula kanjani indlela ophila ngayo ukuze wehlise amathuba okuhlaselwa yisifo sohlangothi.
Ukuze sibe yisizwe esiphilile nesinenqubekela phambili, kuzobaluleka ukuba sithathe izinqumo eziphusile ngempilo yethu. Uma sidla ukudla okungenamsoco, singazivocavoci, sicwila ophuzweni oludakayo nasezidakamizweni, nakanjani sizoqhubeka nokuba nezinkinga zezempilo. Asingakuvumeli lokhu.
UDkt Sibongiseni Dhlomo uwuNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal.