Kuhlonishwe abacwaningi bakwaKarim
ABACWANINGI asebezakhele igama kucwaningo lwegciwane lengculazi, oSolwazi Salim noQuarraisha Abdool Karim, bahlonishwe ngomsebenzi wabo.
Laba bashadikazi abangabacwaningi bahlonishwe ngendondo eyaziwa nge-Institute for Human Virology (IHV) Lifetime Achievement Award ngomsebenzi wabo oncomekayo ekulweni nokusabalala kwegciwane lengculazi emhlabeni wonke.
Indondo yabo yethulwe izolo eBaltimore, e-United States nguDkt Robert Gallo okunguye owathola ukuthi igciwane lengculazi lidala ingculazi.
USolwazi Salim Abdool Karim unguMqondisi wesikhungo socwaningo iCentre for the AIDS Programme of Research in South Africa (CAPRISA) kanti uSolwazi Quarraisha Abdool Karim unguMqondisi wezocwaningo kusona lesi sikhungo.
Laba bobabili bazakhele igama kwezesayensi ikakhulu emkhakheni wocwaningo lwegciwane lengculazi ngokuzinikela kwabo ekutholeni izindlela zokuvikela ukusabalala kwaleli gciwane, ikakhulu kubantu besifazane.
UDkt Gallo uthe kukhulu okwenziwe yilaba bacwaningi emkhakheni wokucwaninga igciwane lengculazi nangokunakekelwa kwalabo abanalo.
“Angibazi abanye abantu asebenze okungaphezulu kwalokhu ukuqinisekisa ukuthi banakekeleka ngendlela abantu abanegciwane lengculazi nokunqanda ukusabalala kwalo,” kusho uDkt Gallo.
Ezinye zezinto abaziwa ngazo, umsebenzi wabo wokuzama ukuthola ithuluzi lokuvikela igciwane lengculazi elingasetshenziswa abantu besifazane.
Baba ngabokuqala ukwenza ucwaningo olwakhombisa ukuthi imishanguzo yokuthithibalisa igciwane lengculazi ingasetshenziswa ukuvikela ukungena kwalesi sifo. Lokhu kwenzeka ngo-2010 ngesikhathi bekhipha imiphumela yocwaningo iCAPRISA 004. Lolu cwaningo lwalubheka ijeli eyayithakwe ngelinye lamaphilisi asetshenziswa kuma-ARVs, i-tenofovir kanti lwahlonishwa nezinye izinhlelo zocwaningo ezingu-10 oluhambe phambili ngo-2010.
Lezi zithandani zaphinde zathola ukuthi ijeli ethakwe nge-tenofovir ivikela isifo esithelelana ngocansi i-genital herpes.
Kumanje bamatasa bazama ukuthola izindlela ezingasiza ukuvikela abantu besifazane ekutheni bangalitholi igciwane lengculazi.
Bephawula ngokuhlonishwa ngale ndondo laba bacwaningi bathe bayakujabulela ukuhlonishwa kwabo.
Bathe le ndondo bayamukela egameni labo bonke abantu bakuleli ngeqhaza abalibambile bezibandakanya ocwaningweni nakuyo yonke imizamo eyenziwayo ukulwa nokusabalala kwegci wane lengculazi.