Kuyaphela ukuqagela ngesikhulu sePSL
I-PREMIER Soccer League (PSL) izoqeda ukuqagela maduze ngozothatha isikhundla sokuba yisikhulu esiphezulu kwiPSL.
Usihlalo wePSL, u-Irvin Khoza, utshele Isolezwe ukuthi ngenyanga ezayo bazomemezela isikhulu esiphezulu esizothatha lo msebenzi ngokugcwele. Njengamanje uMato Madlala ongusihlalo weLamontville Golden Arrows nguyena obambe izintambo. Usebambe isikhathi eside.
“Ngenyanga ezayo sizoba nomhlangano obizwa ngeAnnual General Meeting (AGM) okuyilapho sizokwethula khona isikhulu esiphezulu sePSL esizothatha lo msebenzi ngokugcwele. Uma sekuphela uNovemba isikhulu esiphezulu sePSL sizobe sesikhona.
“UMato wenza umsebeni oncomekayo. Unomndeni, yiqembu lebhola elimbhekile, nezinye izikhundla azibambile okuphoqa ukuthi ahlale esemgwaqweni. Yonke into ayenzayo ufuna ukuyenza ngempumelelo futhi ngobuchule. Uxhumana kahle namaqembu. Akabekiwe ukuthi abambe lesi sikhundla ngoba nakhu engumuntu wesifazane. Ubekwe lapha ngoba umfanele umsebenzi. Ukube kuya ngami ngabe uyawuthatha ngokugcwele,” kusho uKhoza.
Sekuyinto ejwayelekile ukuthi abantu abathatha isikhundla sesikhulu esiphezulu bangahlali isikhathi eside. UMadlala usebambe iminyaka emibili. UBrand de Villiers ushiye lesi sikhundla ngo-2015.
Uhlale kusona iminyaka emibili. UTrevor Phillips noKjetil Siem yibona abahlale isikhathi eside. UPhillips odabuka e-England wabamba ngo-1996 kuya ku-1998 kwathi ngo-2002 wabuya wasibamba kwaze kwaba ngu-2007.
USiem waseNorway uhlale kwesokuba yisikhulu esiphezulu iminyaka emine kusuka ngo-2007 kwaze kwaba ngu-2011. UJoe Ndlela wasibamba iminyaka emibili ngemuva kwalokho wakhonjwa indlela ngo-2000. UNdlela ulandelwe nguRobin Petersen owahlala unyaka owodwa kwangena uPhillips.
UZola Majavu noStanley Matthews abazange bahlale isikhathi eside. UCambridge Mokanyane uke wabamba unyaka owodwa ngaphambi kokuthi kungene uDe Villiers.
“UMato nguyena okuzomele aphakamise isandla asho ukuthi uyafuna yini ukusithatha lesi sikhundla ngokugcwele. Kulapho ke esizohlala khona phansi nesigungu sePSL ukuzobhunga ngekusasa lakhe. Uma ethi akazimisele ngokuwuthatha lo msebenzi ngeke abe yingxenye yisigungu. Nokho uma ethi ngeke awuthathe umsebenzi sizophoqeleka ukubheka kwezinye izindawo,” kusho uKhoza.