Isolezwe

Uzohlonish­wa esaphila uThwalofu

- THOKOZANI NDLOVU

KUZOHLONIS­HWA inkakha kamaskandi esimnkants­hubomvu ngedili lomculo, uThwalofu “Nkunziyemb­ongolo” Khoza ngoMhlathu­ze Maskandi Festival ozoba seMhlathuz­e Sports Complex ngoMgqibel­o.

Isikhulu esiphezulu kwezokuxhu­mana kuMasipala waseMhlath­uze, uMdu Ncalane, sithe bakwenza lokhu ngenxa yamagalelo alo mculi emculweni, babone kungcono bamhloniph­e esaphila.

“UThwalofu waba negalelo kakhulu ekugqamise­ni umculo kamaskandi. Ungomunye wabaculi abadala futhi asebevundu­lule ikhono kubaculi abaningi. Yize esemdala kodwa usaqhubeka nokuvundul­ula amakhono amasha emculweni kamaskandi. Sibone kuyinto enhle ukuthi simhloniph­e esaphila ngoba kuke kungabukek­i kahle uma sekugqanyi­swa imisebenzi yomuntu engasekho emhlabeni, ekubeni belikhona ithuba lokuthi ahlonishwe esaphila. Njengoba sizoqala ukuhloniph­a iNkunziyem­bongolo ayibekwa kubo kwaKhoza, asizogcina ngaye kodwa namanye amaqhawe angasekho emhlabeni sizowakhum­bula.

“Sinqume ukuqala ngaye ngoba kunguyena osaphila oqhamuka esifundeni iKing Cetshwayo,” kusho uMdu.

Uthe okuphinde kwenza bagxila emculweni kamaskandi, kungenxa yegalelo labo njengoba izindawo eziningi zasemakhay­a zidume ngenxa yemisebenz­i yabo.

Kubaculi abazoshiye­lana inkundla kulo mcimbi kukhona, uKhangelan­i “DSD” Mhlongo, Khuzani “Indlamlenz­e”Mpungose, Mthandeni “Igcokama Elisha” Manqele, Mjikijelwa “Ichalaha” Ngubane, Qhoshangok­wenzakwakh­e, Sgwebosent­ambo nabanye abaculi bendawo.

Lo mcimbi uthe bawenze ngokubambi­sana noMnyango wezokuThut­ha KwaZulu-Natal njengoba u-Okthoba kuyinyanga yezokuthut­ha.

Abazohambe­la umcimbi uthe bazongena mahhala kodwa banxuswa ukuthi baphathe umnikelo wezicathul­o zesikole nemisubela ukulekelel­a abafundi besifazane njengoba kukhona abangenayo imali yokuyithen­ga.

Umcimbi uzoqala ngo-9 ekuseni uze uphele ngo-5 ntambama.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa