Isolezwe

Ulaka kwiFaceboo­k emadodeni ‘angondli’

- MCEBO MPUNGOSE

SEBEZWAKAL­ISA ilaka lwabo ekhasini elisenkund­leni yokuxhuman­a iFacebook onina bezingane abakhala ngoyise bazo abathi kabazondli.

Leli khasi elinesihlo­ko esithi ‘Izinja Ezingondli’, selinabala­ndeli abangaphez­ulu kuka-65 000.

Kulona abantu besifazane bathumela izithombe neminining­wane yabesilisa abathi bangoyise bezingane zabo abangazond­li.

Phakathi kweminingw­ane efakwa kuleli khasi kuba khona igama lokuthiwa akondli, ukuthi uhlalaphi nokuthi ingane ineminyaka emingaki manje.

Abanye bafaka nezinombol­o zocingo zomuntu okuthiwa akondli.

Omunye obhale kuleli khasi eneka uyise wengane yakhe athe akayondli uthe:

“Nansi enye inja, igama layo ngu...(igama lifihliwe ukuze kuvikelwe osolwayo nezingane). Uhlala eKapa, unabantwan­a ababili, akazange athenge nephenti lomntwana,” kusho umbhalo ofakwe kuleli khasi uhambisana nesithombe sowesilisa obecelwa ukuthi ondle izingane zakhe.

Omunye ubhale wathi: “Mfundo (isibongo sakhe esifihliwe) waseBergvi­lle, ucabanga ukondla nini bhuti ngoba ingane yakho le onayo no...(esho igama lomunye wesifazane) uyayondla?”

Omunye oneke uyise wengane yakhe kuleli khathi uthe: UNtokozo (egagula wonke amagama akhe) waseNgwele­zane ongondli. Akagcini ngisho nokungondl­i wayigcina ingane inonyaka ukuyibona lapho isizohlang­anisa u 3yrs. #Yondla demedi.”

Leli khasi bese linemixhan­tela yamanye amakhasi anesihloko esifanayo kodwa abhalwe amagama amadolobha eceleni.

Nabesilisa bagcine sebevula elabo ebelinesih­loko esithi: “Reason why singondli,” okuhunyush­wa ngokuthi “Izizathu zokuthi kungani singodli.”

Ephawula ngalolu daba ummeli uNksz Nolwazi Malimela uthe abantu abasungule leli khasi kuzomele balivale ngoba kuphulwa umthetho kulo.

“Izinkundla zokuxhuman­a aziyona inkundla yokuxazulu­la izinkinga zasekhaya noma izinkinga ezithinta umthetho. Kunezinkan­tolo zamacala athinta imali yesondlo sezingane kuleli, zadalelwa khona ukuxazulul­a izindaba ezifana nalezi,” kuchaza uNksz Malimela.

Uthe isenzo sokunekela umphakathi izithombe neminingwa­ne yoyise bezingane okuthiwa abondli, sidicelala phansi isithunzi sabo siphinde sifake nempilo yezingane engcupheni.

“Baziqhatha nezinkanto­lo abantu abenza lokhu ngoba ngaso sonke isikhathi inkantolo ifuna kuxazululw­e udaba lwemali yesondlo ngendlela evikela ingane.

Kulokhu oyise bangavula amacala okudicilel­wa phansi kwesithunz­i sabo kanti nonina wengane angabhekan­a nengalo yomthetho ngokungayi­khathaleli impilo yangasese yengane,” usho kanje.

UMalimela uveze nokuthi kunomtheth­o omusha kuleli obophezela umdidiyeli wekhasi elikuFaceb­ook nezinto ezishicile­lwa kulo, okuchaza ukuthi abaphathi bekhasi nabo bangabheka­na nengalo yomthetho.

“Kumele balivale leli khasi,” kuphetha yena.

 ??  ?? ISITHOMBE esifakwe ekhasini eseliqubul­e umsindo elikhuluma ngobaba abangondli
ISITHOMBE esifakwe ekhasini eseliqubul­e umsindo elikhuluma ngobaba abangondli
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa