Ulaka kwiFacebook emadodeni ‘angondli’
SEBEZWAKALISA ilaka lwabo ekhasini elisenkundleni yokuxhumana iFacebook onina bezingane abakhala ngoyise bazo abathi kabazondli.
Leli khasi elinesihloko esithi ‘Izinja Ezingondli’, selinabalandeli abangaphezulu kuka-65 000.
Kulona abantu besifazane bathumela izithombe nemininingwane yabesilisa abathi bangoyise bezingane zabo abangazondli.
Phakathi kweminingwane efakwa kuleli khasi kuba khona igama lokuthiwa akondli, ukuthi uhlalaphi nokuthi ingane ineminyaka emingaki manje.
Abanye bafaka nezinombolo zocingo zomuntu okuthiwa akondli.
Omunye obhale kuleli khasi eneka uyise wengane yakhe athe akayondli uthe:
“Nansi enye inja, igama layo ngu...(igama lifihliwe ukuze kuvikelwe osolwayo nezingane). Uhlala eKapa, unabantwana ababili, akazange athenge nephenti lomntwana,” kusho umbhalo ofakwe kuleli khasi uhambisana nesithombe sowesilisa obecelwa ukuthi ondle izingane zakhe.
Omunye ubhale wathi: “Mfundo (isibongo sakhe esifihliwe) waseBergville, ucabanga ukondla nini bhuti ngoba ingane yakho le onayo no...(esho igama lomunye wesifazane) uyayondla?”
Omunye oneke uyise wengane yakhe kuleli khathi uthe: UNtokozo (egagula wonke amagama akhe) waseNgwelezane ongondli. Akagcini ngisho nokungondli wayigcina ingane inonyaka ukuyibona lapho isizohlanganisa u 3yrs. #Yondla demedi.”
Leli khasi bese linemixhantela yamanye amakhasi anesihloko esifanayo kodwa abhalwe amagama amadolobha eceleni.
Nabesilisa bagcine sebevula elabo ebelinesihloko esithi: “Reason why singondli,” okuhunyushwa ngokuthi “Izizathu zokuthi kungani singodli.”
Ephawula ngalolu daba ummeli uNksz Nolwazi Malimela uthe abantu abasungule leli khasi kuzomele balivale ngoba kuphulwa umthetho kulo.
“Izinkundla zokuxhumana aziyona inkundla yokuxazulula izinkinga zasekhaya noma izinkinga ezithinta umthetho. Kunezinkantolo zamacala athinta imali yesondlo sezingane kuleli, zadalelwa khona ukuxazulula izindaba ezifana nalezi,” kuchaza uNksz Malimela.
Uthe isenzo sokunekela umphakathi izithombe neminingwane yoyise bezingane okuthiwa abondli, sidicelala phansi isithunzi sabo siphinde sifake nempilo yezingane engcupheni.
“Baziqhatha nezinkantolo abantu abenza lokhu ngoba ngaso sonke isikhathi inkantolo ifuna kuxazululwe udaba lwemali yesondlo ngendlela evikela ingane.
Kulokhu oyise bangavula amacala okudicilelwa phansi kwesithunzi sabo kanti nonina wengane angabhekana nengalo yomthetho ngokungayikhathaleli impilo yangasese yengane,” usho kanje.
UMalimela uveze nokuthi kunomthetho omusha kuleli obophezela umdidiyeli wekhasi elikuFacebook nezinto ezishicilelwa kulo, okuchaza ukuthi abaphathi bekhasi nabo bangabhekana nengalo yomthetho.
“Kumele balivale leli khasi,” kuphetha yena.