Isolezwe

Bakhishwe ngonogada abebekhala­za ngogesi

- BHEKI MBANJWA

KUBIZWE onogada abakhiphel­e ngaphandle abahlali basemijond­olo yaseBottle­brush, eChatswort­h abaphazami­se umhlangano woMkhandlu weTheku izolo bekhala ngogesi.

Laba bahlali bafuna uMasipala ubafakele ugesi abathi sekuphele iminyaka behlala kule ndawo bengafakel­wa.

Kulo mhlangano kuphinde kwakhishwa elinye lamakhanse­la abephazami­sa umhlangano.

UNksz Noloyiso Godongwana, uthe sebehlale kule ndawo iminyaka engu-20 kodwa dololo ugesi.

“Yingakho sinqume ukuthi size kulo mhlangano ukuze sizozizwel­a ukuthi siwuthola nini ngoba sihlale sithenjisw­a. Asinawo ugesi kule ndawo,” kusho uNksz Godongwana.

UNksz Fatima Ismail, ohlala emizini eyakhele le mijondolo uthe banqume ukupheleze­la abahlali ngoba befuna umasipala ubafakele ugesi.

“Sifuna bayeke ukuntshont­sha ugesi wethu ngaleyo ndlela wonke umuntu uzojabula. Okwamanje sithwele kanzima ugesi uyasicishe­la nsuku zonke, okuthatha ngisho izinsuku ezine ukuthi uphinde ulungiswe,” kusho uNksz Ismail ohlala emgwaqweni uRaffia.

Okhulumela umasipala, uNksz Tozi Mthethwa, uthe nakuba bekugqugqu­zela ukuthi umphakathi uthamele imihlangan­o yomkhandlu kodwa kumele ulandele imigomo yomkhandlu.

Uthe uSomlomo womkhandlu, uMnuz William Mapena, uqale wanxusa amalungu aseBottleb­rush ukuthi ehlise umsindo ngoba abephazami­sa umhlangano.

“Ube esewanxusa ukuthi alandele imigomo yomhlangan­o kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Bebephazam­isa ngesikhath­i kuqhubeka ingxoxo mayelana nokufakwa kukagesi emijondolo.

“Sigcine sibize onogada ukuthi basize bakhiphe amalungu abephazami­sa,” kusho uNksz Mthethwa.

Uthe kuthe kusaqhubek­a umhlangano uSomlomo wanxusa elinye lamakhanse­la ukuthi liwushiye umhlangano ngoba nalo beliphazam­isa.

“Ngemuva kokuba leli khansela linqabile ukwenza lokhu, uSomlomo ube esenxusa onogada ukuthi balisize. Umhlangano uqhubeke ngaphandle kokuphazam­iseka.”

Uthe uma kunemihlan­gano kunemigomo elandelway­o.

“Uma umenyiwe ulandela imigomo yalowo osuke ekumemile. Awukwazi ukuphazami­sa, uma ufuna ukubhikish­a uyavunyelw­a kodwa uma uzolandela imigomo ebekiwe yomthetho,” kusho uNksz Mthethwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa