Isolezwe

OwezeMfund­o ucacisa ngokubhala kabili

- MHLENGI SHANGASE

UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal uthi yiwona onqumayo ukuthi yibaphi abafundi abazobhala izifundo ezimbalwa kwa-matric ezinye bazibhale ngonyaka olandelayo kubafundi abasuke bedudulelw­e kuleli banga bengawupha­sanga uGrade 11.

Okhulumela lo mnyango, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe lokhu bakwenza ngemuva kokuxoxisa­na nabafundi nabazali babachazel­e ngoba basuke bebona imiphumela yaphakathi nonyaka.

UMlotshwa usho lokhu nje baningi abafundi abakhala ngokuthi izikole zabo zibatshele ngomzuzu wokugcina ukuthi bazobhala izifundo ezimbalwa kulo nyaka, babhale ezinye ngonyaka ozayo.

“Singadumal­a uma kuwukuthi kukhona othishanhl­oko abadlala ngabafundi bangalande­li umgomo womnyango mayelana nodaba lokubhalis­wa kwabafundi abaduduliw­e. Uma umfundi kubonakala ukuthi ngeke enze kahle akazibhali zonke izifundo kodwa uma enza kahle ezivivinyw­eni zaphakathi nonyaka, uzibhala zonke izifundo,” kusho uMlotshwa.

UNobhala weSadtu esifundazw­eni, uNksz Nomarashiy­a Caluza, ufuna kuphenywe ngokungafu­ndiswa kwabafundi baseMaduli­ni High naseThiban­e Secondary eHarry Gwala, okuthiwa bayiswa kwesinye isikole abafike bangafunda nakhona ngemuva kukaJuni.

“Sithole ukuthi abafundi basuswa ezikoleni ngoba zinezibalo ezincane bayiswa esikoleni abangaphat­hekanga kahle kuso bengafundi­swa.

“Sekumele babhale kuleli sonto bathe abazifunda­nga ezinye izifundo. Sayisho le nto emashini ngo-Okthoba 13, lapho inhloko yomnyango (uDkt Enock Nzama) yayizoland­a uhlu lwezikhalo ukuthi akuphenywe ngoba laba bafundi benzelwe phansi. Siyadumala ukuthi umnyango awuzange wenze lutho,” kusho uNksz Caluza.

Uthe bathole ukuthi abanye babafundi bavalele obegade izivivinyo kwaze kwangenele­la amaphoyisa.

“Sifuna abathintek­ayo emnyangwen­i bathathelw­e izinyathel­o, akukwazi ukuthi kungaphela unyaka bengafundi ngoba othisha bengekho ekubeni bebaningi abangaqash­iwe,” kusho uNksz Caluza.

UMnuz Allen Thompson, iPhini likaMengam­eli weNatu, uthe kumele lubuyekezw­e uhlelo lokududulw­a kwabafundi ngoba luqhatha othisha nabazali.

“Okubuhlung­u wukuthi othisha bayaqhathe­ka uma abafundi bengasabha­li. Umfundi akumsizi ngalutho ukubhala u-matric kabili. Uma umfundi engamphasa­nga uGrade 11, akahlale khona aze awuphase ukuze abhale zonke izifundo kwa-matric.”

UMlotshwa uthe bayalwazi udaba lokuvalelw­a kwesikhulu somnyango. Uthe abafundi abangabhal­anga bazothola ithuba lokuchibiy­ela ngonyaka ozayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa