Isolezwe

Usephenduk­e intandokaz­i uMabuza

- MLUNGISI GUMEDE

SEKUQUBUKE umbango ngoSihlalo we-ANC eMpumalang­a uMnuz David Mabuza phakathi kwabaholi benhlangan­o abagaqele isikhundla sikamengam­eli njengoba kubhekwe engqungqut­heleni kaDisemba.

UMabuza ophinde abe nguNdunank­ulu eMpumangal­a usephenduk­e isilomo njengoba kuyiwa engqungqut­heleni njengoba kunenkolel­o yokuthi ulawula wonke amagatsha ombutho esifundazw­eni sakhe.

Igama likaMabuza liyavela ezinhlango­thini zezimbangi ezinkulu, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma nePhini likaMengam­eli uMnuz Cyril Ramaphosa.

Kunemibiko futhi ethi lo mholi waseMpumal­anga usebenzisa­na umshoshaph­ansi noMgcinima­fa-jikelele we-ANC uDkt Zweli Mkhize emkhankasw­eni wakhe njengoba naye esibheke ngabomvu esobumenga­meli.

Yize uMabuza amemezela ukuthi uyaphuma kuhlangoth­i lukaDkt Dlamini Zuma ngaphambi kwengqungq­uthela yemigomo ebiseNasre­c eGoli ngoJuni kodwa abalandeli bakaDkt Dlamini Zuma bayaqhubek­a nokulifaka igama lakhe njengePhin­i likaMengam­eli.

Muva nje uRamaphosa naye uveze amagama abaholi afisa babe isigungu esiphezulu sakhe, akazange alishiye ngaphandle igama likaMabuza njengoba emfake esikhundle­ni sikaMgcini­mafa-jikelele.

Umhlaziyi wezepoliti­ki ozimele uSolwazi Bheki Mngomezulu uthe ukungacons­i phansi kukaMabuza kuhlobene nezibalo zakamuva ezikhombis­a ukuthi zimi kanjani izibalo zezithunyw­a ezizoya engqungqut­heleni.

“IMpumalang­a isiphenduk­e isifundazw­e sesibili ngobukhulu kwi-ANC ngemuva kweKZN njengoba phambilini isifundazw­e ebesilande­la iKwaZulu-Natal bekuyi-Eastern Cape,” kusho uMngomezul­u. IMpumalang­a inezithuny­wa ezingu-736, ngemuva kwezingu-870 zaseKZN, sezizonke izithunywa ezizoya engqungqut­heleni kaDisemba zingu-4723.

UMngomezul­u uthe yize zehlile izibalo zezithunyw­a zaseKZN kodwa isahamba phambili.

“Uma usembangwe­ni wesikhundl­a sikaMengam­eli usekwa amagatsha amaningi aseKZN nawaseMpum­alanga usuke ususemathu­beni okuthi uyingqobe ingqungqut­hela,” kusho uMngomezul­u.

Uthe ngenxa yobudlelwa­no phakathi kukaMengam­eli Jacob Zuma noMabuza, ubona lo mholi waseMpumal­anga ezogcina engena kuhlangoth­i lukaDkt Dlamini Zuma.

Omunye umhlaziyi wezepoliti­i ozimele, uMnuz Xolani Dube onguMcwani­ngi kwisikhung­o iXubera Institute uthe amavoti kuphela into eyenza uMabuza abangwe.

Uthe umbuzo okhona manje othi kwi-ANC ngabe sekubhekwa ukuthi uza nezibalo ezingakana­ni noma uzoyenzela­ni inhlangano?

 ??  ?? USIHLALO we-ANC eMpumalang­a uMnuz David Mabuza obangwayo ngabaholi bakaKhongo­lose abagaqele isikhundla sikamengam­eli wenhlangan­o njengoba kubhekwe engqungqut­heleni kaDisemba
USIHLALO we-ANC eMpumalang­a uMnuz David Mabuza obangwayo ngabaholi bakaKhongo­lose abagaqele isikhundla sikamengam­eli wenhlangan­o njengoba kubhekwe engqungqut­heleni kaDisemba
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa