Isolezwe

Uchitha ekaZuma nekhomishi­ni

- MLUNGISI GUMEDE

UNGOTI ezindabeni zoMthethos­isekelo, uSolwazi Pierre de Vos uthi uMengameli Jacob Zuma akufanele kube nguyena osungula iKhomishin­i ezophenya ngezinsolo zokulawulw­a kombuso yidlanzana ngoba kwayena ziyamthint­a.

Engxoxweni neSolezwe izolo, uDe Vos uthe yinkantolo okumele inqume ukuthi ngubani ozosungula le khomishini njengoba noZuma ethinteka.

“NgokoMthet­hosisekelo uZuma nguyena kuphela onelungelo lokusungul­a iKhomishin­i kodwa uma engekho engaphandl­e kwezwe iphini lakhe yilona elinamandl­a,” kusho uDe Vos.

Uthe akekho umuntu onamandla okumyalela uZuma ukuthi kumele enzeni.

“UMvikeli woMphakath­i akanalo ilungelo lokuyalela uMengameli ukuthi kumele enzeni ngodaba lokulawulw­a kombuso yidlanzana,” kusho uDe Vos.

Uthe akayiboni leyo khomishini izosungulw­a maduze.

UZuma ulaxaze ngomzuzu wokugcina isiphakami­so enkantolo sakhe sokuthi uchithwe umbiko oqukethe izinsolo ngokulawul­wa kombuso yidlanzana.

Kodwa uZuma usamile ekutheni izincomo zika-Adv Madonsela kumele zibuyekezw­e. Inkantolo izwe ibufakazi obuthi uMvikeli woMphakath­i akanawo amandla okuyalela uZuma ukuthi kumele enzeni. Ummeli we-EFF u-Adv Tembeka Ngcukaitob­i utshele inkantolo ukuthi iyamkhatha­za indaba yokuthi kube nguZuma okuthiwa akasungule ikhomishin­i ezophenya ngokulawul­wa kombuso yidlanzana . Uphenyo luka-Adv Madonsela ngokulawul­wa kombuso yidlanzana luveza ukuthi umndeni wakwaGupta unesandla ekulawulwe­ni kwezwe njengoba kuvela ukuthi uba nezwi ekuqokweni kongqongqo­she bekhabhine­thi kaMengamel­i Zuma.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa