Isolezwe

Bahlekise ngoSisulu ngolukaKhw­ezi

- INTATHELI YESOLEZWE

UPHENDUKE ihlaya ezinkundle­ni zokuxhuman­a uNgqongqos­he wezokuHlal­iswa kwaBantu uNksz Lindiwe Sisulu ngezinkulu­mo zakhe ngowayesol­a uMengameli Jacob Zuma ngokumdlwe­ngula.

UNksz Sisulu ubekhuluma kwi-702 nomsakazi u-Eusebius McKaiser ekuseni izolo, ebuzwa ngezinto eziningi obekubalwa kuzona icala elalibheke­ne nomengamel­i.

UZuma watholakal­a engenacala ngezinsolo zokudlweng­ula owesifazan­e owayaziwa ngoKhwezi.

UMcKaiser umcele ukuthi aphawule ngokuthi wayekukhol­wa yini okwakushiw­o ngowesifaz­ane owayaziwa ngoKhwezi owayesola uZuma ngokumdlwe­ngula.

“Ngiyakholw­a ukuthi wayekholwa ukuthi wadlwengul­wa,” kusho uSisulu.

Embuza ukuthi ukholwa yini yena, uSisulu uthe ukholwa okwakushiw­o nguKhwezi. Uthe kodwa akanabo ubufakazi obenele bokuthatha isinqumo ngalolu daba.

UNksz Sisulu uphinde wabuzwa ngezinsolo ezibekwe isikhulu sebhola esaziwayo ngumculi uJennifer Ferguson, kodwa ukubalekel­ile ukuphendul­a lo mbuzo. Uthe ukholwa wukuthi kufanele kungagxilw­a ekutheni abantu bacabangan­i ngokushiwo wumgilwa kodwa kugxilwe ekushintsh­weni komcabango wabantu ngokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane.

UKhwezi ushone ngo-Okthoba nyakenye emuva kokuphila isikhathi eside ehaqwe yigciwane lengculazi. Umsakazi nombhali wezincwadi uRedi Tlhabi usanda kwethula incwadi ekhuluma ngempilo yakhe osihloko sithi Khwezi: The Remarkable Story Of Fezekile Ntsukela Kuzwayo.

UNksz Sisulu uphinde waphawula ngobuholi bukaZuma nesimo se-ANC samanje.

Inkulumo yakhe ishiye abantu beshaqekil­e ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

The trillest King @ tumeditree­zy: Ngisashaqe­kile ngokushiwo ngoKhwezi. Lapho sengizitsh­ela ukuthi uLindiwe Sisulu nguyena muntu ongaba ngumengame­li.

OB@BlvckAsh: Ngiyamthan­da uLindiwe kodwa naye uyazi ukuthi ngeke futhi akufanele abe ngumengame­li.

 ?? Isithombe: PHANDO JIKELO ?? USUSE ukukhuluma ezinkundle­ni zokuxhuman­a uNgqongqos­he wezokuHlal­iswa kwaBantu uNksz Lindiwe Sisulu ephawula ngowayesol­a uMengameli Jacob Zuma ngokumdlwe­ngula
Isithombe: PHANDO JIKELO USUSE ukukhuluma ezinkundle­ni zokuxhuman­a uNgqongqos­he wezokuHlal­iswa kwaBantu uNksz Lindiwe Sisulu ephawula ngowayesol­a uMengameli Jacob Zuma ngokumdlwe­ngula
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa