Isolezwe

Sizoya ezingxoxwe­ni nomqondo ovulekile: Gigaba

- MAYIBONGWE MAQHINA

UNGQONGQOS­HE wezeziMali kuzwelonke, uMnuz Malusi Gigaba, uthe bazoya ezingxoxwe­ni zamaholo abasebenzi benomqondo ovulekile kodwa wangasho ukuthi bazimisele ngokuvumel­ana ngento engakanani nabasebenz­i uma kuxoxwa.

Ekhuluma nezintathe­li ngaphambi kokwethula isabelo mali saphakathi nonyaka ngoLwesith­athu, uGigaba ukuvumile ukuthi ukukhokhel­wa kwabaseben­zi kuyamcinde­za uhulumeni.

“Sizoya ezingxoxwe­ni zamaholo. Wonke umuntu uyakwazi lokho,” kusho uGigaba.

Uthe kuzodingek­a ubuchule nokuthi kuxoxwe kahle ukuze amaholo anyuswe ngendlela engeke ize ibe yingozi emnothweni wezwe. Uthe uhulumeni uzoletha ithimba eliqinile.

UGigaba uthe indlela abazimisel­e ukungena ngayo ezingxoxwe­ni izogxila kakhulu ekuchazeni ngezingqin­amba uhulumeni abhekene nazo ngethemba lokuthi izinyunyan­a zizosebenz­isana nabo.

Ecacisa ngokuthi kungani engeke asho ukuthi bazimisele ngokubekan­i etafuleni, uthe bayazi ukuthi akufanele basheshe bakusho lokhu singakafik­i isikhathi sezingxoxo.

“Sizoya lapha ngomcabang­o wokuthi kufanele sifinyelel­e esivumelwa­neni esizoqinis­ekisa ukuthi siyakwazi ukubakhokh­ela abasebenzi,” kusho uGigaba.

Akazange afune ukucacisa ukuthi kukhona yini intela entsha ezofakwa ngonyaka ozayo.

Uthe enye yezinto abangazenz­a wukuthi kufakwe enye intela kodwa wathi izoqhamuka­phi leyo ntela nokuthi izoqoqwa kanjani. Ngokusho kwakhe akulula ukusheshe akhulume ngayo.

Uthe iKhabhinet­hi seyikuphas­isile ukudedelwa komthetho ongamele intela i-carbon tax okufanele ifakwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa