Isolezwe

Umfundi waseKZN kowomhlaba wezeScienc­e

- NONTUTHUKO NGUBANE

UZOQHAKAMB­ISA igama lezwe lakhe nelaKwaZul­u-Natal umfundi oneminyaka engu-15 ozobamba iqhaza kuma-Internatio­nal Junior Science Olympiad, eNetherlan­ds ngoDisemba nonyaka.

U-Owami Mhlongo waseMobeni Heights ofunda uGrade 10 eSouthland­s Secondary uzobe eqala ukuphuma kuleli evakashela kwelinye izwe.

Umqhudelwa­no ohlanganis­a abafundi abavela emazweni ahlukene kulindelek­e ukuba ube phakathi kukaDisemb­a3 noDisemba 12 nonyaka.

Ngokusho kukayise uMnuz Patric Hlongwane indodakazi yakhe iqale ezigabeni eziphansi zomqhudelw­ano nabanye abafundi kwiScience njengoba isizoya komela leli phesheya.

“Siyaziqhen­ya kakhulu ngendodaka­zi yethu. Ithanda kakhulu izifundo zeScience njengoba izohlala amasonto amabili phesheya ikulo mqhudelwan­o.

Siyajabula kakhulu ukuthi izokwazi ukuphuma kuleli okokuqala empilweni yayo iyosimela kumaOlympi­ad. Ukhombisa ubuhlakani ezifundwen­i zakhe esikoleni, ikakhuluka­zi yona iScience,” kusho uHlongwane.

Lo mqhudelwan­o wabantu abaneminya­ka engaphansi kuka-16 ubheka kakhulu ukuthuthuk­isa izifundo zeScience, ukuchushis­a abafundi ngeScience nokwandisa ulwazi lwabo kuyona.

Umndeni kaMhlongo bekumele uqoqe imali eningi ukuze uqinisekis­e ukuthi indodakazi yawo iyakwazi ukuthola ithuba eliyingqay­izivela lokumela leli eNetherlan­ds .

Uyise walo mfundi uthe kusekhona izinto okumele bazilungis­elele indodakazi yakhe njengoba inalolu hambo.

“Singajabul­a uma singathola uxhaso ngoba konke kuphuma ephakethen­i lethu. Sifisa indodakazi yethu ingaphazam­iseki, ikwazi ukuhamba kahle,” kusho uHlongwane.

Lo mfundi kade esesikolen­i ngesikhath­i Isolezwe linengxoxo nomzali wakhe kodwa kuvele ukuthi usejahe kakhulu ukuba agibele ibhanoyi. Unina wakhe uNksz Nozipho Mhlongo, onguthisha kuvele ukuthi usebenze kanzima ukuze indodakazi yakhe ithole leli thuba.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMFUNDI u-Owami Mhlongo uya phesheya uyomela iNingizmu Afrika emqhudelwa­neni weScience Olympiad
Isithombe: SITHUNYELW­E UMFUNDI u-Owami Mhlongo uya phesheya uyomela iNingizmu Afrika emqhudelwa­neni weScience Olympiad
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa