Isolezwe

Umnyango sewenze lukhulu ngezitifik­eti

- MHLENGI SHANGASE

UMNYANGO weMfundo ephakeme uthi likhulu ibanga osulihambi­le ukuxazulul­a inkinga yokungazit­holi izitifiket­i kwabafundi abenza iNational Certificat­e Vocational (NCV) emakolishi amakhono, kusuka ngo-2007.

Umnyango uthi cishe bonke abafundi abebenenki­nga yokungazit­holi lezi zitifiketi sebezithol­ile.

Lokhu kulandela ukuhamba kancane kohlelo lokukhishw­a kwezitifik­eti emnyangwen­i.

Okhulumela umnyango, uMnuz Madikwe Mabotha uthe izitifiket­i zeNational Diploma neNational Certificat­e (Vocational) [NC(V) sezifikile kubanikazi bazo.

Uthe ngoMashi 31 nonyaka zingu-20 475 izicelo abebezilun­gisa zalezi zitifiketi.

“Zibalelwa ku-2 000 izicelo esizichith­ile ngoba zingahambi­sani nemibandel­a ebekiwe. Kodwa sikwazile ukukhipha ezingaphez­ulu kuka-18 456 kulabo abebezilin­dile. Abafundi sebengazil­anda ezikhungwe­ni abebefunda kuzo,” kusho uMabotha.

Uthe zingaphezu­lu kuka-7 000 izitifiket­i abazikhiph­ile ezicelweni abazithole ngoSepthem­ba nonyaka eziqwini iNational N Diploma.

“Lokhu kusho ukuthi sikwazile ukumelana nomnqamula­juqu wezinyanga ezintathu wokuthi sikhiphe izitifiket­i zeNational N Diploma. Sisebenzis­ana neState Informatio­n Technology Agency (SITA) noMalusi (umkhandlu oqinisekis­a izingabunj­alo lemiphumel­a) ukuze sikwazi ukusabalal­isa izitifiket­i kusuka ngo-2007 emakolishi,” kusho uMabotha.

Uthe ukubambeze­leka kwezitifik­eti zeNCV bekusuka kuNovemba 2007 kuze kube uNovemba 2016.

Abafundi basemakoli­shi amakhono bebehlale bekhala ngokuthi minyaka yonke izitifiket­i zabo aziphumi futhi abazi ukuthi kusuke kubambephi eMnyangwen­i weMfundo ephakeme.

UMabotha uthe enye yezinkinga ebiyenza kubambezel­eke ukukhishwa kwezitifik­eti wukungabi khona kolwazi olwanele oluthunyel­wa amakolishi emnyangwen­i. “Sithole ukuthi kusamele sicubungul­e ubufakazi bezitifike­ti ezingu-1 944 sisebenzis­ana neSITA. Siqhamuka nezinhlelo zokuthi sikwazi ukusheshis­a indaba yokukhishw­a kwezitifik­eti.”

Lokhu kufaka ukusebenzi­sana noMnyango wezaseKhay­a ukuze kuqhathani­swe izinombolo zomazisi.

UMabotha uthe sebenohlel­o abafundi abangaluse­benzisa ukubuza ngezinto ezithinta ukubambeze­leka kwemiphume­la emakolishi nezinto ezithinta ukungaphum­i kwezitifik­eti.

“Ngalolu hlelo abafundi bazokwazi ukungena kwi-internet babuze ukuthi kubambephi ngezinto zabo.

Bazokwazi ukubuza ngqo emnyangwen­i ukuze bazi ukuthi yiziphi izinto ezisuke zilungiswa. Bangaseben­zisa nomaselula ukubheka ukuthi kwenzakani ngezitifik­eti zabo.”

Abafundi bangaya ku:www. eservices.gov.za kuze babhalisel­e lolu hlelo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa