Abafuyi bezinkomo bakhala ngesikiti nenhlawulo ngemfuyo
Laba bafuyi bathi umasipala waqala ngokugcinwa ngakho.
UMnuz Bheki Dzanibe okhulumela abafuyi bezinkomo kule ndawo uthi sekunesikhathi bekhuluma nabaphathi bakamasipala ngalolu daba kodwa abanakwa.
“Siyazi ukuthi komasipala abaningi kunemithetho elawula imfuyo ewuvanzi kodwa kuqale kubiywe noma kubiyelwe namadlelo ngaphambi kokuthi kube nesikiti. Kulo wethu umasipala kubukeka sengathi kwabhekwa indlela yokuthi kube nemali engenayo kwakhiwa lesi sikiti,” kusho uDzanibe.
Uthe kunabafuyi abahlulekayo ukuhlawula imali efunwa umasipala uma imfuyo yabo iboshiwe yavalelwa esikiti.
“Inhlawulo yenkomo ngayinye engene esikiti uR250 bese kuba uR50 usuku ngalunye inkomo igcinwe kule ndawo. Uma kusebusika kuyenzeka inkomo uyibone ngemuva kwezinsuku ezintathu ukuthi ayikho. Ngaleso sikhathi usunesikweletu sikaR400. Uma zintathu usukweleta uR1 200,” kusho uDzanibe.
Uqhube wathi abafuyi bakule ndawo iningi labo abasebenzi abanayo imali yokuhlawula.
Okunye akhala ngakho ukuthi umasipala yiwona ozikhethelayo ukuthi iyiphi inkomo ozoyidla uma umnikazi wezinkomo ethi uzokhokha ngenkomo eyodwa kulezo esizuke zivalelwe.
“Asiboni ukuthi kuwubulungiswa lokhu okwenziwa umasipala, kusho ukuthi sizokhulisa izinkomo zethu, bese kuthi ezinhle zigcine zidliwe umasipala ekubeni ungazange ukwenze okufanele. Kungani lesi sikiti siseMzimkhulu kuphela ekubeni omasipala bebahlanu ngaphansi kukaMasipala iHarry Gwala? “kusho yena.
Okhulumela umasipala, uMnuz Willie Mgcina uthe isikiti sakhiwa wuhlelo lukamengameli ngemuva kokuthi umphakathi wasendaweni ukhale ngezingozi zomgwaqo ezidalwa yizinkomo.
“Ngaleso sikhathi wonke umphakathi wawukhala ngezinkomo eziwuvanzi. Abakhalayo kusho ukuthi ngaleso sikhathi babengenazo izinkomo njengoba sebekhala ngaso isikiti manje,” kusho uMgcina.