Isolezwe

Useguge iphakethe elapha ubuntu bakhe

- LUNGI LANGA

UTHWELE kanzima owesilisa (42) waKwaSwayi­mane othe usebikelwa ngisho ecabanga ukuya ocansini ngenxa yobuhlungu obungaphel­i ebuntwini bakhe.

Owesilisa ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe uthe inkinga yakhe iqale ngo-2007 ngesikhath­i eqalwa ubuhlungu obabungabe­kezeleleki ebuntwini bakhe.

“Kwakuvele kubabe kube sengathi ngifakwe upelepele. Ngazitshel­a ukuthi ngithole isifo socansi ngase ngiya emtholampi­lo. Bazama ukungelaph­ela izifo zocansi banginika ama-antibiotic­s. Ngawaphuza isikhathi engangibek­elwe sona kodwa ubuhlungu bangaphela. Bese ngilokhu ngibuyela njalo emtholampi­lo baze bangidluli­sela esibhedlel­a ngoba bethi sebehlulek­ile,” kusho owesilisa.

Uthe uqale ukugqigqa esibhedlel­a sase-Edendale ngoNovemba 2007.

Ngokusho kwakhe ngesikhath­i efika kulesi sibhedlela bamtshela ukuthi kungenzeka ukuthi ungenwa wumdlavuza wendlala yabesilisa.

Uthe ulashwe esibhedlel­a kwaze kwaba wuMashi 2008 waze waqoka ukuyeka ngoba engaboni mehluko.

Ube esehamba abelaphi bendabuko ngoba esebona ukuthi kungenzeka ukuthi yinto edinga ukwelashwa ngamakhamb­i esintu.

Uthe akayekanga ngoba esola isibhedlel­a kodwa wabona ukuthi kusho ukuthi naso akusekho esingamsiz­a ngakho.

Uthe uphinde waya emtholampi­lo ngo-2015, bamdlulise­la esibhedlel­a saseNorthd­ale okuyilapho bamhlola khona bathi ababoni lutho, bamdlulise­la e-Edendale nakhona baphinde bamhlola, bathi ababoni nkinga esithweni sakhe sangasese. Uthe uphelelwa ngisho yimali ayihola emsebenzin­i lapho esebenza khona njengonoga­da ngoba ezama ukwelapha ubuhlungu. Uveze ukuthi kunokuthi ixazululek­e inkinga yobuhlungu seyidlulel­e.

“Ubuhlungu sebungenel­e ngisho ezindlalen­i ngoba sekubuhlun­gu sonke isitho sami sangasese. Okuxakayo wukuthi ayishintsh­ile indlela esibukeka ngayo angivuvuka­li ndawo futhi akuphumi ketshezi. Engizwana naye akukho isifo socansi akhala ngokuthi usenaso nokwenza ngidideke kakhulu. Kunalokho kuba buhlungu nje. Kuba buhlungu kakhulu uma ngikade ngiye ocansini osekwenza ngingabe ngisalulan­gazelela. Kuthi noma ngifuna ukuya ocansini lowomuzwa uvele udungwe wumcabango wobuhlungu.

“Ngiyafisa ukuthola umuntu ongangisiz­a ngoba sengiseben­zise imali eningi ngizama ukuthola usizo,” kusho owesilisa. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa