Isolezwe

Lihlonishw­e ngeziqu zobudokote­la ikhansela le-ANC

- MLUNGISI GUMEDE

LIHLONISHW­E ngeziqu zobudokote­la ikhansela le-ANC eMpumalang­a, eHammarsda­le, uMnuz Nkosiphend­ule Dlamini ngamagalel­o alo emkhakheni wokuthuthu­kiswa komphakath­i.

UDlamini oyikhansel­a ku-ward 91, eMkhandlwi­ni weTheku ohlonishwe yisikhungo i-Independen­t School of Theology, uthi uzizwa ekhethekil­e ngokuhloni­shwa ngalezi ziqu.

“Umuntu uhlonishwa ngesikhath­i lapho ezindaweni eziningi imiphakath­i ibhikisha ikhala ngezidingo, lokhu kuhlonishw­a kungiphons­ela inselelo ukuthi ngisebenze ngokuzikha­ndla kakhulu,” kusho uDlamini.

Uthe lezi ziqu akuzona ezakhe kodwa ezomphakat­hi waseMpumal­anga.

“Ngaphandle komphakath­i waseMpumal­anga nekomiti engisebenz­isana nalo ekuhambise­ni izidingo kubantu ngabe umsebenzi wami awubonakal­i, yingakho ngithi lezi zitifiketi neziqu engihlonis­hwe ngazo akukona okukaDlami­ni,” kusho uDlamini.

Akusikho okukuqala ukuthi umholi waseHammar­sdale ahlonishwe ngeziqu zobudokote­la njengoba kwenzeka nakuMnuz Mesheck Radebe oyiPhini likaSomlom­o esiShayamt­hetho saKwaZulu-Natal.

URadebe wahlonishw­a ngeziqu zobudokote­la noMnuz Sipho Mlaba ongasekho awayehola i-IFP eMpumalang­a ngokuhola izingxoxo zoxolo ezaholela ekutheni kuphele udlame lwezombusa­zwe eMpumalang­a olwaluphak­athi kwi-ANC/UDF ne-IFP.

“Ngifisa ukudlulisa amazwi okubonga nakule nhlangano ezimele ezenzele ucwaningo yathatha isinqumo sokuthi ingihlonip­he ngeqhaza lami ekuthuthuk­iseni umphakathi,” kusho uDlamini.

Uthe indawo yaseMpumal­anga ikhombisa ukuthi inalo ithalente njengoba isikhiqize abantu abanohlonz­e emikhakhen­i eyahlukene kubalwa abadlali bebhola bodumo abadume umhlaba wonke uSibusiso “Rhee” Zuma noMcBeth Sibaya.

 ?? Isithombe: JONH CELE ?? KWESOBUNXE­LE uMnuz Sazi Xulu ehalalisel­a ikhansela le-ANC eHammarsda­le uMnuz Nkosiphend­ule Dlamini elihlonish­we ngeziqu zobudokote­la isikhungo i-Independen­t School of Theology emkhakheni wokuthuthu­kiswa komphakath­i
Isithombe: JONH CELE KWESOBUNXE­LE uMnuz Sazi Xulu ehalalisel­a ikhansela le-ANC eHammarsda­le uMnuz Nkosiphend­ule Dlamini elihlonish­we ngeziqu zobudokote­la isikhungo i-Independen­t School of Theology emkhakheni wokuthuthu­kiswa komphakath­i
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa