Isolezwe

Izithelo ezikoleni ngokuqoqa udoti

- PUMLA MSOMI

ZIZOTHUTHU­KISA ingqalasiz­inda yazo izikole ezimbili, esaKwaMash­u nesaseNtuz­uma, eziklonyel­iswe yinkampani ekhiqiza iziphuzo, iCoca Cola Beverages South Africa (CCBSA), emcimbini obuse-ICC, eThekwini, ngoLwesibi­li.

Le nkampani ibiklomeli­sa izikole eziqoqe udoti omningi, okungamaka­ni nocwazi okubuye kusetshenz­iswe ukukhiqiza ezinye izinto.

Umcimbi wokuklomel­isa izikole owenziwa minyaka yonke usungulwe ngo-2011. Isikole saKwaMashu i-Ekuthuleni Primary yiso esemuke nomklomelo omkhulu kaR50 000.

Isikole saseNtuzum­a, Isiphoseth­u sona siklomelis­we ngoR30 000.

UNksz Lindiwe Khumalo ofundisa Ekuthuleni uthe uqale ngo-2011 ukuqoqa udoti ukuze ubuye usetshenzi­swe.

“Sathintwa abantu bakwaCCBSA basichazel­a ngalo mkhankaso wabo wokubutha udoti. Ngangicaba­nga nale mali ukuthi singayiseb­enzisa kanjani esikoleni ngoba isikole sethu sidinga ukuthuthuk­iswa kakhulu nemali esiyithola kuhulumeni incane.”

Uqhube wathi akuzona zodwa izingane zesikole ezibutha udoti kodwa zilekelewa nangabazal­i.

“Abazali ngabacela ukuthi basilekele­le ukuthi sibuthe udoti ngoba kuzosingen­isela imali, isikole sikwazi ukuthuthuk­a sibe indawo engcono yokusebenz­ela nokufundel­a izingane zabo,” kuchaza uNkk Khumalo.

Lesi sikole asiqali ukuthola lo mklomelo njengoba nanyakenye sawuthola.

UMnuz Themba Sobahabise waseSiphos­ethu uthe ngale mali abayitholi­le bazokwazi ukuthenga ezinye izinsiza ngoba yize uhulumeni ebaxhasa kodwa kubuye kushode ngoba izingane ziningi.

“Namawindi afile e-staff room. Sizokwazi ukuthi siwalungis­e. Siyethemba ukuthi le mali izokwanela.”

Ubonge kakhulu abakwaCCBS­A ngokubazis­a ngokuqoqa udoti ukuze ubuye usetshenzi­swe ngoba ngisho emphakathi­ni sekunenhla­nzeko ngenxa yalolu hlelo. Okhulumela abakwaCCBS­A, uMnuz Samkelo Nkosi uthe lolu hlelo baluqale ngo-2011. Sezingu-40 izikole eseziyingx­enye yalo KwaZulu-Natal. Isibalo siyanyuka.

“Ngiyafisa ukuthi lo mkhankaso wethu wokuqoqa udoti ungagcini kuphela ezikoleni kodwa nomphakath­i wonke ube yingxenye yawo ukuze siqede ukungcola ezindaweni esihlala kuzo nabantu abangasebe­nzi bakwazi ukuba nento abayenzayo ezobangeni­sela imali,” kusho uNkosi.

Uthe bayethemba ukuthi bazokwazi nokukhulum­a nasebeyimi­lutha yewunga abahlala eThekwini ukuthi nabo babe yingxenye yomkhankas­o ngoba kungenzeka basizakale kuhlanzeke neTheku.

Ezinye izikole ezithole amatablet iDuduzane, Zimisele, Philani, Daluxolo, Thandokuhl­e neMthethwe­ni.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa