Uhulumeni akashintshe ukwenza ngesimo sezimali
SEKUCACILE ukuthi isimo sezwe kwezemali sibi kakhulu, kudingeka uhulumeni ashintshe ukwenza. NgoLwesithathu uNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Malusi Gigaba wethule isabelomali saphakathi nonyaka lapho kuvele khona ukuthi izwe libishe ezikweletini. Kuvele nokuthi siya sinyuka isikweleti uhulumeni abhekene naso esisuka kuR67.9billion okulindeleke ukuthi ngonyaka ka-2020 sibe sesimi kuR3.4 trillion.
Lokhu kusho ukuthi uhulumeni kuyofanele aboleke imali ukuze akwazi ukuqhubeka nezinhlelo zakhe.
Isimo sibi ngale ndlela yokuthi kwehle ngisho imali eyinzuzo eyenziwa nguhulumeni njengoba uGigaba eveze ukuthi imali eqoqwa nguhulumeni yentela ishoda ngemali ebalelwa kuR50.8 billion.
Ziningi izizathu ezenza lokhu njengokwentuleka kwemisebenzi, ukudilizwa kwabantu nokukhwabanisa.
Okuhle wukuthi uhulumeni uzibambele yena emalini, akekho angamkhomba athi uyiphethe budlabha imali yezwe. Kusho ukuthi nguye futhi uhulumeni okufanele aqhumise isitswebhu lapho konakele khona.
Uma uhulumeni ungaphaphami atakule izwe kulolu bishi kuzoqhubeka nokuthi kusokole abantu abahlwempu okungeke kuliyise ndawo izwe, singasayiphathi-ke eyokulithuthukisa.
Njengoba izwe kusamele linciphise isikweleti nokushoda kwemali, aya eshabalala amathemba ezinhlelo ezizosungula amathuba emisebenzi njengoba nakho lokhu kudinga imali.
UGigaba uveze ukuthi okunye okungaba yisisombuluko ngukwenyusa imali yentela.
Uveze nokuthi usebumbe ithimba longqongqoshe abathathu - okunguye, uNgqongqoshe wezobuChwephese uNkk Naledi Pandor noNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uMnuz Jeff Radebe - okulindeleke ukuba baqhamuke namasu okwehlisa isikweleti sikahulumeni.
Esikulindele ngukuthi singagcini ngokukhishelwa izibalo ezilahlekisa ngethemba nezitshengisa ingozi kodwa sibe sibona noma sibika ngokumoshwa nangokukhwabaniswa kwemali ezikhungweni zikahulumeni.
Silindele ukubona bethathelwa izinyathelo abakhwabanisa nabamosha imali, kumiswe noma kuncishiswe nezinhlelo ezimosha imali.