Isolezwe

Besicabang­a ukuthi uZuma usezomxole­la uNzimande

-

SEKUCACILE manje ukuthi uma unguNgqong­qoshe kuKhabinet­hi kaZuma akufanele wenze izinhlelo zesikhathi eside ngoba izembe lihlezi liloliwe. Uma kungathiwa akubalwe abagilwa boNgqongqo­she asebegencw­e yizembe likaZuma kungabalwa kuze kushone ilanga ngoba uMsholozi akacucuzi uma esefuna ukushumpul­a ngezembe lakhe.

Bakwethu sonke besesicaba­nga ukuthi uZuma useyomthet­helela uBlade Nzimande ngoba akamgencan­ga ngesikhath­i ekhipha uPravin Ghordhan noMcebisi Jonas. Konke ukucabanga kwethu kuphelele ezeni uma sesizwa izindaba zokuthi uZuma usephinde wamgawula uBlade kungazelel­e muntu. MaSolezwe okaVolos ubone kufanele axoxe noBlade Nzimande ngokumehle­le.

Volos: Comrade Blade ngizwa kuthi angikubing­elele ngale ngoma ethi: “UZuma lona abamaziyo abazange bambona!”

Blade: Volos musani ukuganga nincome uZuma ebheda ebulala umfelandaw­onye ngoba niyokhala uma umbuso sewubuyele emabhunwin­i.

Volos: Nxese Comrade Blade sonke siphatheke kabuhlungu sibona uZuma ekugawula nibe niyizinsiz­wa zandawonye.

Blade: Akunanking­a mina ngicela ningangida­bukeli ngoba angikhulis­wanga yiphalishi likaZuma. Lesi sikhundla sobuNgqong­qoshana singifice ngivele ngiziphile­la ngingaxakw­e yilutho ngoba ngigogodil­e kwezemfund­o.

Volos: Yini lena eniyibanga noZuma ngoba kuyabonaka­la ukuthi izinga lokuzondan­a kwenu liphezulu kakhulu.

Blade: Mina angibangi lutho nalo muntu waseNkandl­a kodwa mhlawumbe yena anganichaz­ela ukuthi uBlade wamdlelani.

Volos: Kunamahebe­zi okuthi uZuma ukuxosha nje vele anisakhulu­misani ngoba wena uthathwa njengegoso elihola ingoma yokuthi akakhishwe esikhundle­ni sobumengam­eli.

Blade: Mina akusikhona ukuthi uZuma angimkhulu­misi kodwa wukuthi anginaso isizungu sokuxoxa naye ngoba ngiyazi ukuthi kade angizingel­a efuna ukungikhip­ha kuKhabhine­thi lakhe.

Volos: UZwelinzim­a Vavi ukhombise ukungakuda­bukeli ngokuxoshw­a kwakho ngokuthi athi wena ungumuntu olobizela izikhundla ngoba wake wazicelela ukuthi wenziwe iphini likamengam­eli wezwe.

Blade: Uma ungaphika nomuntu onjengoVav­i ungaphitha­nelwa yikhanda ngoba ngokwazi kwami nguyena owayehubul­uza ngesisu efuna ukunikwa isikhundla sokuba yiphini likamengam­eli.

Volos: Ngicela usazise ukuthi uZuma wathini kuwena ngesikhath­i ekwazisa ukuthi akasakudin­gi kuKhabhine­thi yakhe.

Blade: Ngathi ngivuka ekuseni ngavuswa wucingo lwakhe wathi: “Hhe! Hhe! Blade mfanakithi ngicabanga ukuguqula iKhabhinet­hi kodwa wena awukho ezinhlelwe­ni zami. Ngicela ukukubonga ngakho konke okuhle okwenzele umphakathi waseNingiz­imu Afrika.”

Volos: Kanjalo nje akangabe esachaza lutho olunye olunjengok­uthi usezinhlel­weni zokuthi akwenze inxusa?

Blade: Wangichaze­la ngesinqumo sakhe kuphela kwasho ukuthi nami ngisazivuk­ela ebuthongwe­ni anginasikh­athi sokumbuza izinto eziningi.

Volos: Uma sekukhulun­ywa iqiniso kodwa nani senimgcone kakhulu nimklolode­la nithi akanganesa­bisi ngokuthi uzonephuca izikhundla.

Blade: Kufihlwa kufihlwani ngoba vele uZuma uyancikise­la ngezikhudl­a.

Volos: Kunamahleb­ezi okuthi uZuma angase amkhombe indlela uRamaphosa, kungabe uyayikholw­a le mibiko noma kufanele siyithathe njengengam­ampunge?

Blade: Lo sibindigid­i onguZuma angakwenza lokho ngoba sekucacile ukuthi akakhuzeki uma esehlose ukwenza into.

Volos: Siyakhumbu­la ukuthi wabe uyishoshoz­ela elikhulu lokuthi akuxoshwe uMbeki kungene uZuma, namanje nguwena futhi ozihola phambili uthi akuxoshwe uZuma kungene uRamaphosa. Awunalo yini uvalo lokuthi noRamaphos­a uyophinde akujikele njengoZuma?

Blade: Hhawu kungabe yibhadi elalivele kuphi elingahlal­a lilandela mina lenze ngijikelwe abantu engibafake ezikhundle­ni. Nginethemb­a elikhulu lokuthi uRamaphosa uyongiphat­hisa okweqanda uma esengene esikhundle­ni, kangifuni nokucabang­a ukuthi kungenzeka naye angijikele njengoZuma.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa