Isolezwe

Ngavinjwa ngingena emhlanganw­eni

-

MHLELI: Ngivumele ngithule indumalo enginayo ngendlela engibona kubulawa ngayo uKhongolos­e.

NgeSonto ngo-Okthoba 22 u-ward 96 KwaZulu-Natal esifundeni saseThekwi­ni ubunomhlan­gano wamalungu e-ANC (BGM) kuyokhethw­a izithunywa ezizoya engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi ngoDisemba.

Ngathuka kwaphela nasozwanin­i ngifika esangweni ngivinjwa yiphoyisa lakwaMetro lithi angivukmel­ekile ukungena ngaphakath­i kepha yilona elithatha amapasi abantu liyobheka kwi voters roll ukuthi bayavela yini bese libuya likutshela ukuthi igama lakho likhona yini noma alikho kwivoters roll.

Amaphoyisa akwaMetro EThekwini ayegcwele ngaphakath­i kwamasango ehholo amanye engaphakat­hi ehholo uqobo kodwa amalungu kaKhongolo­se anobulungu evalelwe ngaphandle kwamasango okuyinto engavumele­kile ngokwenqub­omgomo yenhlangan­o.

Siyofisa ukuthi ubuholi obungaphez­ulu bungenelel­e kulezi zinkinga yize-ke kwaziwa ukuthi abanye babaholi yibo kanye abaqhuba lo mkhankaso wokubulala inhlangano ngoba bezama ukuvikela izisu zabo.

Ngimfonele uNobhalaJi­kelele, uMnuz Gwede Mantashe (osesithomb­eni), ngimbikela ngako konke okwenzekil­e wathi ucela into ebhalwe phansi ngamthumel­ela nombhalony­azi (email) kepha anginathem­ba lokulungis­eka kwale nto ngoba kwayena uhlale esaba uma kumele alungise izinkinga zombutho.

Ngibhala loku njengelung­u likaKhongo­lose elisesimen­i esihle ngisebenzi­sa ilungelo lami elikuMthet­hosisekelo wezwe lokukhulum­a ngokukhulu­leka. Siyabonga “Msholozi” Gcabashe. EMBUMBULU

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa