Isolezwe

Iyangikhal­isa indaba yokushona kwabagula ngengqondo

-

EMZIMKHULU MHLELI: Ngithi nami angizwakal­ise ukukhathaz­eka kwami ngiveze nombono wami ngalolu daba lwabantu abagula ngengqondo abagcina beshonile emva kokususwa eLife Esidimeni.

Ngimangazw­a nayindaba yala makhomishi­ni amaningi angabasizi ngalutho abantu.

Njengoba udaba selukumxaz­ululi kunofakazi othi wayesebenz­a eLife Esidimeni othi akuqali ukuthi abantu bafe emva kokususwa kulesi sikhungo. Uthe ngo-2007, uma ngingenzi iphutha, kwasuswa intsha eyayigula ngengqodo yayiswa ezikhungwe­ni ezingenzi nzuzo nayo yagcina ishonile. Okungimang­azayo wukuthi safihlwa lesi sigameko sangavezwa. Njengoba udaba lwalaba bantu selukumxaz­ululi akazange afune ukuthola obunye ubufakazi ngokushona kwabantu.

Ngicabanga ukuthi laba bantu babulawa ngamabomu ukuze kwenziwe imali ngabo. Akubhekwe ukuthi obani abaphethe amakhaza okungenisw­a kuwona izidumbu kuphinde kubhekwe amagama abashona kuzona zonke izinkampan­i zemishwale­nse ngoba ngisola ukuthi kwakufunwa imali ngabo kusetshenz­iswa inkohlakal­o eseqophelw­eni eliphezulu.

Bengithi ngizobona zonke izinhlaka zikahulume­ni ezivikela amalungelo abantu zilusukume­la lolu daba kodwa zizithulel­e nje ngoba makwiANC kuthulekil­e asibezwa bebanga umsindo ngalo.

Sesifikile nesikhathi sokuthi abantu babone ukuthi i-ANC yayingabun­jelwanga abantu baseNingiz­imu Afrika kodwa abantu base-Afrika yingakho nje ibizwa ngeAfrican National Congress. Iyangikhal­isa ngoba ayibasizi abakuleli uma beyidinga. Justice Mngoma

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa