Iyangikhalisa indaba yokushona kwabagula ngengqondo
EMZIMKHULU MHLELI: Ngithi nami angizwakalise ukukhathazeka kwami ngiveze nombono wami ngalolu daba lwabantu abagula ngengqondo abagcina beshonile emva kokususwa eLife Esidimeni.
Ngimangazwa nayindaba yala makhomishini amaningi angabasizi ngalutho abantu.
Njengoba udaba selukumxazululi kunofakazi othi wayesebenza eLife Esidimeni othi akuqali ukuthi abantu bafe emva kokususwa kulesi sikhungo. Uthe ngo-2007, uma ngingenzi iphutha, kwasuswa intsha eyayigula ngengqodo yayiswa ezikhungweni ezingenzi nzuzo nayo yagcina ishonile. Okungimangazayo wukuthi safihlwa lesi sigameko sangavezwa. Njengoba udaba lwalaba bantu selukumxazululi akazange afune ukuthola obunye ubufakazi ngokushona kwabantu.
Ngicabanga ukuthi laba bantu babulawa ngamabomu ukuze kwenziwe imali ngabo. Akubhekwe ukuthi obani abaphethe amakhaza okungeniswa kuwona izidumbu kuphinde kubhekwe amagama abashona kuzona zonke izinkampani zemishwalense ngoba ngisola ukuthi kwakufunwa imali ngabo kusetshenziswa inkohlakalo eseqophelweni eliphezulu.
Bengithi ngizobona zonke izinhlaka zikahulumeni ezivikela amalungelo abantu zilusukumela lolu daba kodwa zizithulele nje ngoba makwiANC kuthulekile asibezwa bebanga umsindo ngalo.
Sesifikile nesikhathi sokuthi abantu babone ukuthi i-ANC yayingabunjelwanga abantu baseNingizimu Afrika kodwa abantu base-Afrika yingakho nje ibizwa ngeAfrican National Congress. Iyangikhalisa ngoba ayibasizi abakuleli uma beyidinga. Justice Mngoma