Amathuna asephenduke i-’scrapyard’
UHLANGATSHEZWA amagobolondo ezimoto nxa ungena emathuneni aKwaMakhutha, nomakhelwane nabo abasanaki ngoba sekuyinto ejwayelekile.
Ezemingcwabo zizifikele mathupha kulawa mathuna abukeka sengathi ahlukile kunamanye aphethwe wuMasipala weTheku kwazise alibonwa nehhovisi eligcina imininingwane yabantu abangcwatshwe kuwona. Nabasebenzi ababonwa.
Udonga olubiye amathuna luhlephukile futhi kukhona nopotsho abaningi, ingasaphathwa eyesango.
Kuthintwa iNhloko yoMnyango wezamaPaki namaThuna kuMasipala weTheku ngalolu daba, ithe icela kuqala ukuthunyelelwa izithombe njengobufakazi bokuthi kuhlinzwa izimoto emathuneni ngaphambi kokuthi aphawule.
“Okudala ukuthi amathuna aKwaMathuna kube sengathi ahlukile wukuthi phambilini ibingalandelwa imigomo efanele.
“Maningi namanye amathuna afana nawaKwaMakhutha. SiwuMkhandlu weTheku sasithe sicela lawo mathuna amadala enziwe kabusha ukuze kuzolandelwa yonke imigudu edingekayo emathuneni.
“Enye inkinga wukushoda kwezinsiza kusebenza nokwenza kube nzima ekutheni amathuna afuze lawo agadwe,’’ kusho uNgcobo ngamafuphi.
Ube esenxusa umphakathi ukuthi ubike ezinhlakeni ezifanele ngobugebengu obenziwa kulawa mathuna.
Kukhulunywa nesinye isakhamuzi saKwaMakhutha ebesizinqamulela kulawa mathuna, sithe kujwayelekile ukuthi kuhlinzelwe izimoto kule ndawo.
“Izimoto zihlenzelwa khona la, nathi siwumphakathi asisanaki. Kukhona nezinye ezingaphezulu (esho ekhomba enye ingxenye yamathuna). Amaphoyisa ake afike uma efuna imoto entshontshiwe bese kuphela kanjalo,’’ kusho leli lungu lomphakathi elingathandanga negama lalo.
Libuzwa ukuthi ngabe la mathuna asasebenza, lithe: “Ayasebenza ngoba usungangcwaba kuphela uma kuwukuthi kukhona isihlobo sakho esingcwatshiwe la, usungasebenzisa lelo thuna laso.’’