Isolezwe

Amathuna asephenduk­e i-’scrapyard’

- MBUYISELO MATIELA

UHLANGATSH­EZWA amagobolon­do ezimoto nxa ungena emathuneni aKwaMakhut­ha, nomakhelwa­ne nabo abasanaki ngoba sekuyinto ejwayeleki­le.

Ezemingcwa­bo zizifikele mathupha kulawa mathuna abukeka sengathi ahlukile kunamanye aphethwe wuMasipala weTheku kwazise alibonwa nehhovisi eligcina imininingw­ane yabantu abangcwats­hwe kuwona. Nabasebenz­i ababonwa.

Udonga olubiye amathuna luhlephuki­le futhi kukhona nopotsho abaningi, ingasaphat­hwa eyesango.

Kuthintwa iNhloko yoMnyango wezamaPaki namaThuna kuMasipala weTheku ngalolu daba, ithe icela kuqala ukuthunyel­elwa izithombe njengobufa­kazi bokuthi kuhlinzwa izimoto emathuneni ngaphambi kokuthi aphawule.

“Okudala ukuthi amathuna aKwaMathun­a kube sengathi ahlukile wukuthi phambilini ibingaland­elwa imigomo efanele.

“Maningi namanye amathuna afana nawaKwaMak­hutha. SiwuMkhand­lu weTheku sasithe sicela lawo mathuna amadala enziwe kabusha ukuze kuzolandel­wa yonke imigudu edingekayo emathuneni.

“Enye inkinga wukushoda kwezinsiza kusebenza nokwenza kube nzima ekutheni amathuna afuze lawo agadwe,’’ kusho uNgcobo ngamafuphi.

Ube esenxusa umphakathi ukuthi ubike ezinhlaken­i ezifanele ngobugeben­gu obenziwa kulawa mathuna.

Kukhulunyw­a nesinye isakhamuzi saKwaMakhu­tha ebesizinqa­mulela kulawa mathuna, sithe kujwayelek­ile ukuthi kuhlinzelw­e izimoto kule ndawo.

“Izimoto zihlenzelw­a khona la, nathi siwumphaka­thi asisanaki. Kukhona nezinye ezingaphez­ulu (esho ekhomba enye ingxenye yamathuna). Amaphoyisa ake afike uma efuna imoto entshontsh­iwe bese kuphela kanjalo,’’ kusho leli lungu lomphakath­i elingathan­danga negama lalo.

Libuzwa ukuthi ngabe la mathuna asasebenza, lithe: “Ayasebenza ngoba usungangcw­aba kuphela uma kuwukuthi kukhona isihlobo sakho esingcwats­hiwe la, usungasebe­nzisa lelo thuna laso.’’

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU ?? ENYE yezimoto ezigcwele emathuneni aKwaMakhut­ha
Isithombe: ZANELE ZULU ENYE yezimoto ezigcwele emathuneni aKwaMakhut­ha
 ??  ?? UMNUZ Thembinkos­i Ngcobo oyiNhloko yezamaPaki namaThuna kuMasipala weTheku
UMNUZ Thembinkos­i Ngcobo oyiNhloko yezamaPaki namaThuna kuMasipala weTheku
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa