Lihlonishwe ngeziqu zobudokotela ikhansela le-ANC
LIHLONISHWE ngeziqu zobudokotela ikhansela le-ANC eMpumalanga, eHammarsdale, uMnuz Nkosiphendule Dlamini ngamagalelo alo emkhakheni wokuthuthukiswa komphakathi.
UDlamini oyikhansela ku-ward 91, eMkhandlwini weTheku ohlonishwe yisikhungo i-Independent School of Theology, uthi uzizwa ekhethekile ngokuhlonishwa ngalezi ziqu.
“Umuntu uhlonishwa ngesikhathi lapho ezindaweni eziningi imiphakathi ibhikisha ikhala ngezidingo, lokhu kuhlonishwa kungiphonsela inselelo ukuthi ngisebenze ngokuzikhandla kakhulu,” kusho uDlamini.
Uthe lezi ziqu akuzona ezakhe kodwa ezomphakathi waseMpumalanga.
“Ngaphandle komphakathi waseMpumalanga nekomiti engisebenzisana nalo ekuhambiseni izidingo kubantu ngabe umsebenzi wami awubonakali, yingakho ngithi lezi zitifiketi neziqu engihlonishwe ngazo akukona okukaDlamini,” kusho uDlamini.
Akusikho okukuqala ukuthi umholi waseHammarsdale ahlonishwe ngeziqu zobudokotela njengoba kwenzeka nakuMnuz Mesheck Radebe oyiPhini likaSomlomo esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
URadebe wahlonishwa ngeziqu zobudokotela noMnuz Sipho Mlaba ongasekho awayehola i-IFP eMpumalanga ngokuhola izingxoxo zoxolo ezaholela ekutheni kuphele udlame lwezombusazwe eMpumalanga olwaluphakathi kwi-ANC/UDF ne-IFP.
“Ngifisa ukudlulisa amazwi okubonga nakule nhlangano ezimele ezenzele ucwaningo yathatha isinqumo sokuthi ingihloniphe ngeqhaza lami ekuthuthukiseni umphakathi,” kusho uDlamini.
Uthe indawo yaseMpumalanga ikhombisa ukuthi inalo ithalente njengoba isikhiqize abantu abanohlonze emikhakheni eyahlukene kubalwa abadlali bebhola bodumo abadume umhlaba wonke uSibusiso “Rhee” Zuma noMcBeth Sibaya.