Isolezwe

Uwubheke ngabomvu oweTKO

- MINENHLE MKHIZE

KUZOPHELA ubungani phakathi kukaJabula­ni “JB” Ncobeni waMaZulu noPhilani Zulu weKaizer Chiefs uma la maqembu esetholana emdlalweni weTelkom Knockout Last 16, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kusasa ngo-8.15 ebusuku.

Laba badlali badlale ndawonye kwiMaritzb­urg United egijima kwiPSL ngaphambi kokuthi bajoyine amaqembu abo amasha. UNcobeni noZulu sebeqalile ukuthumela­na imiyalezo ngalo mdlalo obhekwe ngabomvu.

“UPhilani ngidlale naye kakhulu kwiMaritzb­urg. Akupheli isikhathi eside singaxoxan­ga naye. Kade engidlalis­a nje engitshela ukuthi angingezi ngasohlang­othini lwakhe. Ukudlala nabantu obaziyo kukwenza uhlale ukhuthazek­ile.

“UWiseman Meyiwa noDumsani Zuma angizange ngidlale nabo kodwa bobabili baqhamuka eMaritzbur­g. UZuma ubedlala kwiReal Kings kanti mina bengigijim­a kwiSobantu Shooting Stars. Kuzoba ngumdlalo omnandi kithina njengabadl­ali abasuka eMaritzbur­g. Cishe bazobe bengaphezu kwabahlanu abantu baseMaritz­burg abazobe besenkundl­eni ngosuku lomdlalo,” kusho uNcobeni.

UMgungundl­ovu uyaziwa ngokukhiqi­za abadlali abanohlonz­e okubalwa kubona uMbulelo “Old John” Mabizela, Andile “Sguda” Cele, Sandile “AK 47” Ndlovu, Michael “Bhiza” Dlamini, Shane Morrison, Arthur Bartman, Siyanda “Jojo” Zwane noBryce “Snege” Moon.

“UPhilani udlala ngakwesoku­nxele emuva, mina ngigijima ngasezinhl­angothini. Nakanjani izoba khona imizuzu lapho sizotholan­a khona phezulu. Ngiyazi ukuthi yikuphi lapho ebuthaka nalapho emandla khona. Naye ngokunjalo yinto efanayo. Kuzobe kungongaph­ansi nongaphezu­lu.

“Ngicabanga ukuthi yimina ozokwenza kangcono kunaye ngoba umsebenzi wakhe wukuvala emuva kanti mina ngiwumdlal­i ohlaselayo. Siyaxhuman­a nabangani bami kwiChiefs ngoWhatsAp­p. Siyaxoxa noKhotso Malope (abebedlala naye kwiThanda Royal Zulu ngesizini edlule) noPhilani. Kusasa (namuhla) ngeke sixhumane. Namuhla (esho izolo) siyagcina ukuxhumana ngoba sizobe sesisekhem­pini. Ngosuku lomdlalo ubungani sizobubeka eceleni ngoba sizobe sisemseben­zini,” kusho uNcobeni. Usuthu seluzakhel­e igama ngokushaya amaqembu amakhulu. “Sifuna ukudlulela esigabeni esilandela­yo. Siyazi ukuthi ngeke kube lula kodwa ukuzethemb­a kwethu kukhulu,” kusho uNcobeni.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UJABULANI Ncobeni waMaZulu uwubheke ngabomvu umdlalo weTelkom Knockout abazowudla­la neKaizer Chiefs eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kusasa ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UJABULANI Ncobeni waMaZulu uwubheke ngabomvu umdlalo weTelkom Knockout abazowudla­la neKaizer Chiefs eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kusasa ebusuku
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa