UShabba ufuna ibhukule iBafana
INSEPHE yeKaizer Chiefs, uSiphiwe “Shabba” Tshabalala, ikholwa wukuthi imidlalo emibilii yokuhlungela iNdebe yoMhlaba neSenegal iyinselelo ephoqa abadlali baseNingizimu Afrika ukuthi babhukule ngokuphindiwe. UTshabalala ubuyiselwe eqenjini iBafana Bafana ngumqeqeshi uStuart Baxter emuva kweminyaka emithathu agcina ukudlubha ijezi leqembu lesizwe. Ungomunye wabadlali abangu-25 iNingizimu Afrika ezobeka kubona amathemba okungena kwiNdebe yoMhlaba ezoba seRussia ngonyaka ozayo. IBafana izobhekana neSenegal emidlalweni emibili ezolandelana eduze okufanele noma kanjani iyiwine ukuze ihlale phezulu kuGroup D. Umdlalo wokuqala uzoba ngoNovemba 10 ePeter Mokaba Stadium, eLimpopo, kuthi owesibili udlalelwe eDakar ngoNovemba 14. Elakuleli lisemsileni ngamaphuzu amane emuva kwemidlalo emine kuleli qoqo okuqhwakele kulona iSenegal ngayisishiyagalombili. “Ngijabule kakhulu ngokubuyela eqenjini lesizwe. Kuyiphupho labo bonke abadlali. Ngisho ngingabizelwa ukuzogqugquzela abadlali kuphela. Ngingakwamukela lokho. Ukuthi uBaxter ungibizile kukhombisa ukuthi uyakholelwa kimina kwazise sisebenze ndawonye kwiChiefs. Ngizosiza nangokukhulisa abadlali abasebancane,” kusho uTshabalala.
“Imidlalo emibili neSenegal iyinselelo kodwa enhle edinga abadlali ukuthi basukume, babhukule bazibonakalise. Lokhu kungesizwe sonke hhayi bona kuphela.
Kungokuzigqaja kwezwe. Singawathola amaphuzu ayisithupha kwiSenegal. UBaxter siyayazi indlela afuna sidlale ngayo, okuyiyona emenze waphumelela kwiChiefs nakwiSuperSport United.”
UBaxter akasishintshanga kakhulu isikwati esihlule iBurkina Faso ngo 3-1 emasontweni edlule. Ubize u-Andile Jali ozodonsa isigwebo samakhadi aphuzi emdlalweni wokuqala noBongani Zungu owathola ikhadi elibomvu koweBurkina Faso.
ISafa ilindele isinqumo ngoZungu emuva kokufaka udaba kwi-Fifa ngendlela athola ngayo ikhadi okubhekwe ukuthi siphume ngoLwesithathu. Kubuye uThulani Hlatshwayo obekade elimele, Dean Furman no-Erick Mathoho abebe bedonsa izigwebo zamakhadi.
UTshabalala, onemidlalo engu-90 kwiBafana, uzotheleka eThekwini neqembu laMakhosi eshayela phezulu bezobhekana naMaZulu emdlalweni weTelkom Knockout eMoses Mabhida Stadium.
Umdlalo uzoqala ngo-8.15 ebusuku. Usuthu luphikwa wumlando uma lubhekene neChiefs kwazise emidlalweni engu-19 kusukela ngo-2006 lusawine owodwa okwakungoweligi ngo2007. IChiefs iwine engu-14, badlala ngokulingana kwemine kuphela. IChiefs igcine ishiye abalandeli bekhala emasontweni edlule ihlulwa yiBaroka eThekwini.
“Lona wumdlalo ohlukile. AmaZulu ayiqembu elisha elinabadlali abanamava nomqeqeshi okhaliphile. Kufanele sizimisele. Sibheke ukuwina sidlulele emzuliswaneni olandelayo, sifinyelele kowamanqamu, siwine indebe,” kusho uTshabalala.