Uwubheke ngabomvu oweTKO
KUZOPHELA ubungani phakathi kukaJabulani “JB” Ncobeni waMaZulu noPhilani Zulu weKaizer Chiefs uma la maqembu esetholana emdlalweni weTelkom Knockout Last 16, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kusasa ngo-8.15 ebusuku.
Laba badlali badlale ndawonye kwiMaritzburg United egijima kwiPSL ngaphambi kokuthi bajoyine amaqembu abo amasha. UNcobeni noZulu sebeqalile ukuthumelana imiyalezo ngalo mdlalo obhekwe ngabomvu.
“UPhilani ngidlale naye kakhulu kwiMaritzburg. Akupheli isikhathi eside singaxoxanga naye. Kade engidlalisa nje engitshela ukuthi angingezi ngasohlangothini lwakhe. Ukudlala nabantu obaziyo kukwenza uhlale ukhuthazekile.
“UWiseman Meyiwa noDumsani Zuma angizange ngidlale nabo kodwa bobabili baqhamuka eMaritzburg. UZuma ubedlala kwiReal Kings kanti mina bengigijima kwiSobantu Shooting Stars. Kuzoba ngumdlalo omnandi kithina njengabadlali abasuka eMaritzburg. Cishe bazobe bengaphezu kwabahlanu abantu baseMaritzburg abazobe besenkundleni ngosuku lomdlalo,” kusho uNcobeni.
UMgungundlovu uyaziwa ngokukhiqiza abadlali abanohlonze okubalwa kubona uMbulelo “Old John” Mabizela, Andile “Sguda” Cele, Sandile “AK 47” Ndlovu, Michael “Bhiza” Dlamini, Shane Morrison, Arthur Bartman, Siyanda “Jojo” Zwane noBryce “Snege” Moon.
“UPhilani udlala ngakwesokunxele emuva, mina ngigijima ngasezinhlangothini. Nakanjani izoba khona imizuzu lapho sizotholana khona phezulu. Ngiyazi ukuthi yikuphi lapho ebuthaka nalapho emandla khona. Naye ngokunjalo yinto efanayo. Kuzobe kungongaphansi nongaphezulu.
“Ngicabanga ukuthi yimina ozokwenza kangcono kunaye ngoba umsebenzi wakhe wukuvala emuva kanti mina ngiwumdlali ohlaselayo. Siyaxhumana nabangani bami kwiChiefs ngoWhatsApp. Siyaxoxa noKhotso Malope (abebedlala naye kwiThanda Royal Zulu ngesizini edlule) noPhilani. Kusasa (namuhla) ngeke sixhumane. Namuhla (esho izolo) siyagcina ukuxhumana ngoba sizobe sesisekhempini. Ngosuku lomdlalo ubungani sizobubeka eceleni ngoba sizobe sisemsebenzini,” kusho uNcobeni. Usuthu seluzakhele igama ngokushaya amaqembu amakhulu. “Sifuna ukudlulela esigabeni esilandelayo. Siyazi ukuthi ngeke kube lula kodwa ukuzethemba kwethu kukhulu,” kusho uNcobeni.