Isolezwe

UShabba ufuna ibhukule iBafana

- ZAKHELE XABA

INSEPHE yeKaizer Chiefs, uSiphiwe “Shabba” Tshabalala, ikholwa wukuthi imidlalo emibilii yokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba neSenegal iyinselelo ephoqa abadlali baseNingiz­imu Afrika ukuthi babhukule ngokuphind­iwe. UTshabalal­a ubuyiselwe eqenjini iBafana Bafana ngumqeqesh­i uStuart Baxter emuva kweminyaka emithathu agcina ukudlubha ijezi leqembu lesizwe. Ungomunye wabadlali abangu-25 iNingizimu Afrika ezobeka kubona amathemba okungena kwiNdebe yoMhlaba ezoba seRussia ngonyaka ozayo. IBafana izobhekana neSenegal emidlalwen­i emibili ezolandela­na eduze okufanele noma kanjani iyiwine ukuze ihlale phezulu kuGroup D. Umdlalo wokuqala uzoba ngoNovemba 10 ePeter Mokaba Stadium, eLimpopo, kuthi owesibili udlalelwe eDakar ngoNovemba 14. Elakuleli lisemsilen­i ngamaphuzu amane emuva kwemidlalo emine kuleli qoqo okuqhwakel­e kulona iSenegal ngayisishi­yagalombil­i. “Ngijabule kakhulu ngokubuyel­a eqenjini lesizwe. Kuyiphupho labo bonke abadlali. Ngisho ngingabize­lwa ukuzogqugq­uzela abadlali kuphela. Ngingakwam­ukela lokho. Ukuthi uBaxter ungibizile kukhombisa ukuthi uyakholelw­a kimina kwazise sisebenze ndawonye kwiChiefs. Ngizosiza nangokukhu­lisa abadlali abasebanca­ne,” kusho uTshabalal­a.

“Imidlalo emibili neSenegal iyinselelo kodwa enhle edinga abadlali ukuthi basukume, babhukule bazibonaka­lise. Lokhu kungesizwe sonke hhayi bona kuphela.

Kungokuzig­qaja kwezwe. Singawatho­la amaphuzu ayisithuph­a kwiSenegal. UBaxter siyayazi indlela afuna sidlale ngayo, okuyiyona emenze waphumelel­a kwiChiefs nakwiSuper­Sport United.”

UBaxter akasishint­shanga kakhulu isikwati esihlule iBurkina Faso ngo 3-1 emasontwen­i edlule. Ubize u-Andile Jali ozodonsa isigwebo samakhadi aphuzi emdlalweni wokuqala noBongani Zungu owathola ikhadi elibomvu koweBurkin­a Faso.

ISafa ilindele isinqumo ngoZungu emuva kokufaka udaba kwi-Fifa ngendlela athola ngayo ikhadi okubhekwe ukuthi siphume ngoLwesith­athu. Kubuye uThulani Hlatshwayo obekade elimele, Dean Furman no-Erick Mathoho abebe bedonsa izigwebo zamakhadi.

UTshabalal­a, onemidlalo engu-90 kwiBafana, uzotheleka eThekwini neqembu laMakhosi eshayela phezulu bezobhekan­a naMaZulu emdlalweni weTelkom Knockout eMoses Mabhida Stadium.

Umdlalo uzoqala ngo-8.15 ebusuku. Usuthu luphikwa wumlando uma lubhekene neChiefs kwazise emidlalwen­i engu-19 kusukela ngo-2006 lusawine owodwa okwakungow­eligi ngo2007. IChiefs iwine engu-14, badlala ngokulinga­na kwemine kuphela. IChiefs igcine ishiye abalandeli bekhala emasontwen­i edlule ihlulwa yiBaroka eThekwini.

“Lona wumdlalo ohlukile. AmaZulu ayiqembu elisha elinabadla­li abanamava nomqeqeshi okhaliphil­e. Kufanele sizimisele. Sibheke ukuwina sidlulele emzuliswan­eni olandelayo, sifinyelel­e kowamanqam­u, siwine indebe,” kusho uTshabalal­a.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIPHIWE ‘Shabba’ Tshabalala weKaizer Chiefs uzothola ithuba lokuphinde adlalele iBafana Bafana ngemuva kweminyaka emithathu agcina ukugqoka ijezi leqembu lesizwe
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIPHIWE ‘Shabba’ Tshabalala weKaizer Chiefs uzothola ithuba lokuphinde adlalele iBafana Bafana ngemuva kweminyaka emithathu agcina ukugqoka ijezi leqembu lesizwe
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa