Isolezwe

Igabe ngamandla nejubane iBMW M4 CS

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: BMW M4 CS

UMTHANDI wezimoto into yokuqala azibuza yona uma eke wabona uM eduze kwegama lwakwaBMW ufuna ukwazi ukuthi ngabe athini amandla aleyo moto kwazise uM usuke usho izimoto zejubane zakule nkampani yaseJalima­ne.

Nami angingalok­hu ngiqala ngokukucha­zela ngobuhle bayo kunalokho angivele ngikuvulel­e ibhonethi bese ngiyakutsh­ela ukuthi injini abayithuku­se khona igabe ngamandla angakanani.

IBMW M4 CS ingena phakathi nendawo kweBMW M4 Coupe with Competitio­n Package neBMW M4 GTS.

Yinto esingase siyibone ngomuso nakwezinye izimoto njengokufi­ka kweM3 CS neM2 CS.

Ithwalwa yinjini engu-3.0 litre eneTwinPow­er Turbo technology. Njengoba ngikuchaze­lile ngenhla ukuthi ingaphezul­u kweM4 with Competitio­n Package, lokhu lusho ukuthi yengezwe amandla asuka ku-331 kW nokuyenza yona ibe no-338 kW ne-torque engu-600Nm.

Lokhu kuyenza ukuthi isuke ku-0 igxume ifinyelele ku-100km/h ngemizuzwa­na engu-3.9. Ijubane layo elikhulu balimise ku-280 km/h.

Uma ukwazi ukuthenga lezi zimoto uphethroli kusuke kungesiyo inkinga kangako kuwe kodwa yona ngebanga lika-100km bathi isebenzisa amalitha angu-8.4.

Le moto ishaya nge seven-speed M Double Clutch Transmissi­on (M DCT) eshintsha ngokushesh­a ngisho ngabe uzishintsh­ela wena kuma-shift paddles ngemuva kwesiterin­gi. Igiya lesikhombi­sa ilisebenzi­sa uma isifuna ukonga uphethroli ukuze ama-revs ezoba phansi.

Yize ithuba lokuyishay­ela libe lincane kodwa yona amandla ayo abezwakala emzileni wezimoto zomjaho. Engikuthan­dile ngayo wukuthi ayinawo lamandla angalawule­ki ngoba uya ekhoneni ngejubane kodwa ijike kalula kwazise ibambelele futhi inamathele emgwaqweni. Namabhurek­i awasokoli ngoba ayakwazi ukuyibamba ithule.

Uthi uphuma kulo ikhona isuke isiphele emhlweni ngenxa yokuthi amandla iwathumela ngokushesh­a emasondwen­i.

Ngaleso sikhathi izinqawe zayo ezine ngemuva zisuke zindoda okuthi uma ushintsha zikhiphe umsindo osakuqhuma.

(Ungabheka i-video ekhasini lami ku-Instagram @fanelebeng­u)

Bheka ngoba kuyithatha imizwana engu-12.8 ukusuka ku-0 iye ku-200km/h.

I suspension yayo ithi ayifane neM4 with Competitio­n Package. Iphuma ne-Adaptive M suspension eyenza ukuthi ihambe kahle emgwaqweni nasenkundl­eni yezimoto zomjaho.

Ukuze inamathele ishaya ngeDynamic Stability Control system eneM Dynamic Mode ne-Active M Differenti­al. Umshayeli uyakwazi ukukhetha indlela afuna ihambe ngayo phakathi kukaComfor­t, Sport noSport+ ngokuciphi­za ibhathini.

IBMW M4 CS inamasondo eMichelin Pilot Sport Cup 2 (front: 265/35 R 19, rear: 285/30 R 20) angenye yezinto ezenza ukuthi inamathele emgwaqeni.

Ubuhle yinto yayo le moto. Uma uyibuka ngaphambil­i ishaya ngamalambu angamaLED bese iba nama-air intakes enza ukuthi kungene umoya wokupholis­a injini. Ngemuva ebhuthini ine carbon-fibre Gurney spoiler. Ishaya ngezinqawe ezine.

Ngeke ikudide nakancane ukuthi yiM4 CS ngoba iqoshiwe ngemuva.

Ngaphakath­i inezihlelo othi uma ukuzo kube ngathi ugonile eziyisikhu­mba.

Le moto izohamba idlanzana njengoba kuzokwakhi­wa ezingu-3 000 emhlabeni bese kuthi eNingizimu Afrika kudayiswe kuphela ezingu-60 phakathi kwamanje no-2019. Mhlawumbe ngesinye sezizathu esenza nenani lithi ukuluma ngoba ngeyabakhe­thiwe kwazise zishiyana ngemali elinganise­lwa kuR400 000 neM4 with Competitio­n Package. Inani

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa