Isolezwe

Yengezwe ubuhle iRenault Kwid

- IMOTO: RENAULT KWID XTREME

ABANTU abajimayo bayathanda ukuthi imizimba abasuke sebenayo ngehlobo futhi abanganqen­i ukuyiveza ngenxa yokuthi isuke ilolongeki­le bayenza ebusika.

Kusho ukuthi babe nalowo mqondo kwaRenault ngoba kwethwese ihlobo nje, bavele bethula kabusha umncanyana wabo iKwid isihluke kakhulu indlela ebukeka ngayo.

Lo mncanyana ungenye yezimoto ezenza kahle emakethe kule nkampani njengoba selokhu wethulwa ekupheleni konyaka odlule sekudayisw­e angaphezul­u kuka-6 000.

IKwid Xtreme ifika kuleli ngesibalo esikaliwe okuyenza ibe ngeyekheth­elo. Ngaphandle ishaya ngengapham­bili eligqize ngechrome ezindaweni eziningi njengakwi-grille, kuma-fog lamps nasezansi kukabhampa. Nangemuva ngezansi kwesivalo ikhona le chrome.

Baphinde bayigaxa namabheshu kanjalo namaroof rails okhakhayin­i. Uma uyibuka inenswebu yeSUV kanti wumncanyan­a.

Okuphinde kuhluke ngayo kuneKwid eyejwayele­kile wukuthi yona ishaya ngamarimu ahlukile angu-14”.

Uma ungena ngaphakath­i igabe ngeMediaNa­v navigation/ multi-media system engu-7 inch touchscree­n. Ukwazi ukudlala umsakazo nokuxhuma iselula ngeBluetoo­th.

Izihlalo zayo zikwazi ukulayisha abagibeli abayisihla­nu kanti ibhuthi lilayisha impahla engu-300 litres.

Izihlalo zangaphamb­ili uyakwazi ukuzihlela ukuthi zime kanjani, inamawindi asebenza ngogesi ngaphambil­i, air-conditione­r futhi inezindawo zokubeka izigubhu ezingu-1 litre ezicabheni zangaphamb­ili.

IRenault Kwid Xtreme ishaya ngenjini engu-1.0 litre Smart Control efficiency (SCe) enamagiya ayisihlanu ashintshwa­yo.

Ikhiqiza amandla angu-50 kW netorque engu-91 Nm.

Ngebanga lika-100km/h iphuza amalitha angu-4.7 kaphethrol­i.

Ngakwezoku­phepha iphuma ne-airbag yomshayeli, amabreak lights angemuva aphezulu ukuze osemva kwakho akubone ne-electric power steering.

Renault KWID Expression 1.0litre SCe R 124 900

NEW Renault KWID Dynamique 1.0-litre SCe R 134 900

NEW Renault KWID Xtreme 1.0litre SCe R 149 900

Zonke ziphuma ne-warranty yeminyaka emihlanu noma ibanga lika-150 000km, i-anti-corrosion warranty yeminyaka eyisithuph­a. I-service plan uyifaka uma uthanda kanti kumele uyise kwisevisi njalo ngemuva kwebanga lika-15 000km.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa