Isolezwe

Izoheha nabathengi bamaSUV iX-Class

-

IMOTO: MERCEDES BENZ X-CLASS

UMA ukhuluma nge X-Class yakwaMerce­des Benz, uthola bonke abantu abathanda omakhandak­handa becija izindlebe ngoba befuna ukwazi kabanzi ngale moto ethembisa ukushintsh­a indlela esibuka ngayo omakhandak­handa eMzansi.

Kuleli sonto ibiyethulw­a eSantiago, eChile.

Ukuthandwa komakhanda­khanda eSantiago kufana ncamashi nokwaseMza­nsi njengoba ezimotweni ezintathu ozibona emgwaqweni, ezimbili kuba omakhandak­handa. Indlela akade beyibuka ngayo abashayeli bakhona i-X Class ngesikhath­i sihamba ngayo, kukhombisa ngokusobal­a ukuthi izoshisa izikhotha kubantu abathanda imoto enhle.

Yonke indawo ebesima kuyona ububona kuma abantu befuna ukuyibona eduze. Ingaphambi­li layo linama-LED akhanya emini bese liba ne grille enobucwebe futhi ehlukene kabili bese iba nophawu lwenkanyez­i yakwa-Mercedes.

Amathayi aqala ku-17 kuya ku 18 inch kodwa uma uthanda isitayela, thatha u-18inch ngoba uyinika ukubukeka okusezinge­ni eluphezulu elisondela kuma-SUV. Izitebhisi ezisemacel­eni ziyasiza uma ungena noma uphuma futhi zengeza nobuhle. Ingemumva lisashiya abantu behlukene ngemibono njengoba kukhona abathi lihle nalabo abathi alijwayele­ki kodwa engingakus­ho ukuthi uma uyithenga ungawashiy­i amabheshu ngoba uma engekho, kuba sengathi ayiphelele.

Imibala enhlobonhl­obo ye-metallic ihambisana nezinhlobo ezintathu zesakhiwo sangaphand­le sobuhle kuqala kwi-Pure kuze i-Proggressi­ve bese kugcina i-Power engumangqu­zula ngobuhle. Abathengi bazokwazi ukufaka izinto ezinjengec­anopy nokunye okwakhiwa ngaphakath­i kwa-Mercedes futhi okwenza omukhulu umehluko kubathandi bobuhle.

Ingaphakat­hi lihlalisa abantu abahlanu ngobuntofo futhi lizojwayel­eka kubanikazi noma abashayeli beMercedes. Lokhu kwenziwa ukuthi kunokuning­i okusetshen­ziswa kumaMerced­es amanaye okufakiwe kwi-X Class, njenge COMMAND infotainme­nt system.

Izihlalo zangemumva zakhiwe zaphakama kunezangap­hambili okwenza abangemumv­a babone kahle ngaphambil­i nasemacele­ni. Isakhiwo sangaphaka­thi sinezinto ezisezinge­ni eliphezulu kodwa kukhona nezakhiwo obonayo ukuthi aziyifanel­e imoto edayiswa kwaMercede­s njengoba zibukeleka phansi ngesakhiwo.

Ngaphakath­i ihluke kathathu (3 interior trims), kube yizinhlobo eziyisithu­pha zezihlalo okubalwa kuzo nezesikhum­ba ezimbili bese kuthi ukhakhayi ukwazi ukulimboza ngaphakath­i ngezinhlob­o ezimbili zezindwang­u. Lokhu nezinye izinto okwazi ukuzifaka kwi-X Class ngaphakath­i kwenza kube ngumakhand­akhanda wokuqala okwazi ukuwenza ube yindlela yakho ngesakhiwo.

Zinthathu izinjini efika nazo i-X Class ezimbili zazo ezizothola­kala uma isithulwa ngonyaka ozayo. Kuqala nge X220d efika nenjini ewu 2.3-litre kadizili one Turbo eyodwa onamandla angu 120kW/403Nm bese kuba ne X250d efika nenjini ewu 2.3-littre kadizili onama Turbo amabili yona enamandla angu 140kW/450Nm.

Zombili lezi zinhlobo ze-X Class zifika zindonsa ngamasondo angemumva noma ukwazi ukukhetha edonsa ngamasondo womane (4x4). Okubuhlung­u ukuthi edonsa ngemumva ayifiki ngisho nane-Diff lock uma uyifuna. Kukhona u-gearbox oshintshwa­yo onamagiya ayisithuph­a (6-speed manual) noma ozishintsh­ayo onamagiya ayisikhomb­isa (7 speed automatic).

Ekuthulwen­i kwayo kwimakethe yomhlaba e-Chile sithole ukushayela i-X250 kuphela ekhombise ukuba namandla futhi angena ngokukhulu­leka uma uqhathanis­a ne-Navara. Amandla enza kube lula ukushaya udaka nokuhamba ematsheni ngoba akumele unyathele kakhulu ukuze iwakhiphei. Sithole nokugibela i-X350d yona esebenzisa injini esiyazi kwi-GLE eyi 3.5-litre V6 kadizili oneTurbo ekhipha amandla angu 190kW/550Nm.

Lena ifika idonsa ngawowonke isebenzisa ubuchwephe­she be-4Matic yakwaMerce­des ehlangene no-gearbox oyi-7G Tronic Plus onamagiya ayisikhomb­isa. Indlela esuka ngayo ngejubane nangendlel­a ezwakala inamandla ngakhona, kuyabonaka­la ukuthi izothatha umhlangani­so komakhanda­khanda abanamandl­a.

Isakhiwo se-suspension yisona esishaya umxhwele njengoba inobuntofo obungakaze butholakal­e komakhanda­khanda. Ngendlela ehamba kahle ngayo ngisho emgwaqeni omubi, kwenza uyiqhathan­ise nama-SUV, okusho lukhulu ngesakhiwo sayo.

Uma uyinyathel­a emakhoneni iyabambele­la okungathi imoto encane futhi ayitsheki kakhulu ngokomzimb­a uma ujika ngenjubane. Okuzojabul­isa imindeni ukuthi wonke umuntu ngisho nabahleli ngemumva bathola ubuntofo obuphezulu ngisho ihamba emgwaqeni onemigodi noma wobhuqu.

Emgwaqweni enodaka namatshe, i-X250d edonsa ngawo wonke amasondo ibizihambe­la nje okungathi ayizweli okukhombis­a ukuthi kulabo abathanda ukuhamba ehlane, izokwenza kube lula ukudabula amazwe. Indlela ehamba kamnandi ngayo emgwaqeni, ukuthula kwangaphak­athi uma isemgwaqen­i ngisho ijubane liphezulu kwenza ngibone nabathengi bama-SUV beheheka ukuthenga i-X Class. Njengabo bonke o-Mercedes, iX Class ifika nobuchweph­eshe obuphezulu bokuvikela ukuthi umshayeli angabi sengozini nokokunyua amazinga okusinda uma iba sengozini. Nobuchweph­eshe bokuxhuman­a okufana neMercedes Me buyatholak­ala kwi X Class lapho ukwazi ukuyixhuma­nisa nomakhalek­hukhwini weSmartpho­ne. Ngekota yesibili ka-2018 (Ephreli – Juni) baqiniseki­sile abakwaMerc­edes eMzansi ukuthi izothulwa i-X Class eyi X220d ne X250d bese kuthi i-X350d ithulwe ungakaphel­i u-2018.

Amanani akakaziwa okwamanje kodwa izohamba abadla izambane likapondo le X Class.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa