Izoheha nabathengi bamaSUV iX-Class
IMOTO: MERCEDES BENZ X-CLASS
UMA ukhuluma nge X-Class yakwaMercedes Benz, uthola bonke abantu abathanda omakhandakhanda becija izindlebe ngoba befuna ukwazi kabanzi ngale moto ethembisa ukushintsha indlela esibuka ngayo omakhandakhanda eMzansi.
Kuleli sonto ibiyethulwa eSantiago, eChile.
Ukuthandwa komakhandakhanda eSantiago kufana ncamashi nokwaseMzansi njengoba ezimotweni ezintathu ozibona emgwaqweni, ezimbili kuba omakhandakhanda. Indlela akade beyibuka ngayo abashayeli bakhona i-X Class ngesikhathi sihamba ngayo, kukhombisa ngokusobala ukuthi izoshisa izikhotha kubantu abathanda imoto enhle.
Yonke indawo ebesima kuyona ububona kuma abantu befuna ukuyibona eduze. Ingaphambili layo linama-LED akhanya emini bese liba ne grille enobucwebe futhi ehlukene kabili bese iba nophawu lwenkanyezi yakwa-Mercedes.
Amathayi aqala ku-17 kuya ku 18 inch kodwa uma uthanda isitayela, thatha u-18inch ngoba uyinika ukubukeka okusezingeni eluphezulu elisondela kuma-SUV. Izitebhisi ezisemaceleni ziyasiza uma ungena noma uphuma futhi zengeza nobuhle. Ingemumva lisashiya abantu behlukene ngemibono njengoba kukhona abathi lihle nalabo abathi alijwayeleki kodwa engingakusho ukuthi uma uyithenga ungawashiyi amabheshu ngoba uma engekho, kuba sengathi ayiphelele.
Imibala enhlobonhlobo ye-metallic ihambisana nezinhlobo ezintathu zesakhiwo sangaphandle sobuhle kuqala kwi-Pure kuze i-Proggressive bese kugcina i-Power engumangquzula ngobuhle. Abathengi bazokwazi ukufaka izinto ezinjengecanopy nokunye okwakhiwa ngaphakathi kwa-Mercedes futhi okwenza omukhulu umehluko kubathandi bobuhle.
Ingaphakathi lihlalisa abantu abahlanu ngobuntofo futhi lizojwayeleka kubanikazi noma abashayeli beMercedes. Lokhu kwenziwa ukuthi kunokuningi okusetshenziswa kumaMercedes amanaye okufakiwe kwi-X Class, njenge COMMAND infotainment system.
Izihlalo zangemumva zakhiwe zaphakama kunezangaphambili okwenza abangemumva babone kahle ngaphambili nasemaceleni. Isakhiwo sangaphakathi sinezinto ezisezingeni eliphezulu kodwa kukhona nezakhiwo obonayo ukuthi aziyifanele imoto edayiswa kwaMercedes njengoba zibukeleka phansi ngesakhiwo.
Ngaphakathi ihluke kathathu (3 interior trims), kube yizinhlobo eziyisithupha zezihlalo okubalwa kuzo nezesikhumba ezimbili bese kuthi ukhakhayi ukwazi ukulimboza ngaphakathi ngezinhlobo ezimbili zezindwangu. Lokhu nezinye izinto okwazi ukuzifaka kwi-X Class ngaphakathi kwenza kube ngumakhandakhanda wokuqala okwazi ukuwenza ube yindlela yakho ngesakhiwo.
Zinthathu izinjini efika nazo i-X Class ezimbili zazo ezizotholakala uma isithulwa ngonyaka ozayo. Kuqala nge X220d efika nenjini ewu 2.3-litre kadizili one Turbo eyodwa onamandla angu 120kW/403Nm bese kuba ne X250d efika nenjini ewu 2.3-littre kadizili onama Turbo amabili yona enamandla angu 140kW/450Nm.
Zombili lezi zinhlobo ze-X Class zifika zindonsa ngamasondo angemumva noma ukwazi ukukhetha edonsa ngamasondo womane (4x4). Okubuhlungu ukuthi edonsa ngemumva ayifiki ngisho nane-Diff lock uma uyifuna. Kukhona u-gearbox oshintshwayo onamagiya ayisithupha (6-speed manual) noma ozishintshayo onamagiya ayisikhombisa (7 speed automatic).
Ekuthulweni kwayo kwimakethe yomhlaba e-Chile sithole ukushayela i-X250 kuphela ekhombise ukuba namandla futhi angena ngokukhululeka uma uqhathanisa ne-Navara. Amandla enza kube lula ukushaya udaka nokuhamba ematsheni ngoba akumele unyathele kakhulu ukuze iwakhiphei. Sithole nokugibela i-X350d yona esebenzisa injini esiyazi kwi-GLE eyi 3.5-litre V6 kadizili oneTurbo ekhipha amandla angu 190kW/550Nm.
Lena ifika idonsa ngawowonke isebenzisa ubuchwepheshe be-4Matic yakwaMercedes ehlangene no-gearbox oyi-7G Tronic Plus onamagiya ayisikhombisa. Indlela esuka ngayo ngejubane nangendlela ezwakala inamandla ngakhona, kuyabonakala ukuthi izothatha umhlanganiso komakhandakhanda abanamandla.
Isakhiwo se-suspension yisona esishaya umxhwele njengoba inobuntofo obungakaze butholakale komakhandakhanda. Ngendlela ehamba kahle ngayo ngisho emgwaqeni omubi, kwenza uyiqhathanise nama-SUV, okusho lukhulu ngesakhiwo sayo.
Uma uyinyathela emakhoneni iyabambelela okungathi imoto encane futhi ayitsheki kakhulu ngokomzimba uma ujika ngenjubane. Okuzojabulisa imindeni ukuthi wonke umuntu ngisho nabahleli ngemumva bathola ubuntofo obuphezulu ngisho ihamba emgwaqeni onemigodi noma wobhuqu.
Emgwaqweni enodaka namatshe, i-X250d edonsa ngawo wonke amasondo ibizihambela nje okungathi ayizweli okukhombisa ukuthi kulabo abathanda ukuhamba ehlane, izokwenza kube lula ukudabula amazwe. Indlela ehamba kamnandi ngayo emgwaqeni, ukuthula kwangaphakathi uma isemgwaqeni ngisho ijubane liphezulu kwenza ngibone nabathengi bama-SUV beheheka ukuthenga i-X Class. Njengabo bonke o-Mercedes, iX Class ifika nobuchwepheshe obuphezulu bokuvikela ukuthi umshayeli angabi sengozini nokokunyua amazinga okusinda uma iba sengozini. Nobuchwepheshe bokuxhumana okufana neMercedes Me buyatholakala kwi X Class lapho ukwazi ukuyixhumanisa nomakhalekhukhwini weSmartphone. Ngekota yesibili ka-2018 (Ephreli – Juni) baqinisekisile abakwaMercedes eMzansi ukuthi izothulwa i-X Class eyi X220d ne X250d bese kuthi i-X350d ithulwe ungakapheli u-2018.
Amanani akakaziwa okwamanje kodwa izohamba abadla izambane likapondo le X Class.