Isolezwe

Uthakaselw­e umbukiso wamaBMW

- FANELESIBO­NGE BENGU

BAKHOMBISE ukuwuthaka­sela abantu umbukiso wokuqala ngqa wezimoto zakwaBMW, iBMW M Festival, ebiseKyala­mi Grand Prix Circuit, eGoli, ngempelaso­nto.

Lo mbukiso uqale ngoMgqibel­o waze wasongwa ngeSonto. Uhehe izethameli ezingaphan­si kancane kuka-20 000, ngokukaBMW.

Abezindaba nokho bathole ithuba lokuwutham­ela ngokukheth­ekile ngoLwesine lapho bevivinye khona izinhlobo zezimoto ezahlukene zale nkampani.

Kukhonjisw­e okokuqala kwelengaba­di iBMW M5 entsha ezotheleka ngasekuqal­eni konyaka ozayo.

Leli bhanoyi laphansi lishaya ngenjini engu-4.4 litre eyiV8 bi-turbo eneM TwinPower Turbo technology.

Ifuqa amandla angu-441 kW netorque engu-750 Nm. Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha kuphela imizuzwana engu-3.4 kanti ukusuka ku-0 iye ku-200 km/h kuyithatha engu-11.1.

Ijubane layo elikhulu limiswe ku-250 km/h kodwa uma ineM Driver’s Package lifinyelel­a ku-305 km/h.

Abekhona wonke ama-M5 kusukela kweyesizuk­ulwane sokuqala kuze kufinyelel­e kwesesithu­pha nokuyiyo ezoqala ukudayisa ngonyaka ozayo.

Baphinde basebenzis­a lo mbukiso ukukhombis­a iBMW X3 entsha ezokwethul­wa ngokusemth­ethweni ngenyanga ezayo.

Bekukhona iX3 M40i okungeyoku­qala ngqa ukugaxa ibheji leM Performanc­e. Sizobika kabanzi ngayo uma isiyethuli­we kodwa ukukha phezulu, inenjini engu-3.0 litre M Performanc­e six-cylinder in-line engine. Ifuqa amandla angu-265 kW kanti ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-4.8.

I-X3 izokhiqizw­a embonini yakwaBMW, iPlant Rosslyn, ePitoli ekuqaleni konyaka ozayo.

Ezinye izimoto yi-2 series ethuthukis­iwe kanjalo ne-6 Series GT.

Bekukhona neBMW 7 Series Individual (750Li) by Esther Mahlangu ukuze abantu bayibone nezinye izinhlobo zakwaBMW.

Kuphinde kwafika nomshayeli weDTM eqenjini lakwaBMW iTeam RBM, uTom Blomqvist, othe ukuzula enkundleni nabantu.

Ngaphandle kwezimoto, ngempelaso­nto izethameli ziphinde zazitika ngomculo kwazise bekunobhaz­abhaza wesiteji lapho bekushiyel­ana khona inkundla uDJ Martin, Alex Schulz nabanye abaningi.

 ??  ?? BMW M5
BMW M5

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa