Isolezwe

Kugqugquze­lwa abe-kwaito ukuthi bangenele amaSama

- FANELESIBO­NGE BENGU

ISIKHULU seRecordin­g Industry of South Africa (RISA) eyengamele amaSouth African Music Awards (Sama), uNhlanhla Sibisi, sigqugquze­le abaculi be-kwaito ukuthi bangenele imiklomelo ngoba sincane isibalo sabangenel­ayo.

“Umkhankaso esiwuphush­ayo owe-kwaito ngoba imingenelo yakhona iya ngokwehla. Sigqugquze­la bonke abaculi ukuthi bangenele. Esikubonil­e wukuthi abaningi bakhipha izingoma ezihamba ngazodwa. Abangenele eminxeni efanele,” kusho uSibisi.

Uthe emunxeni weBest Kwaito kufuneka abaculi abakhiphe ama-albhamu.

Izolo kuvulwe ukuthi abaculi sebengaqal­a bangenele uma befuna ukuba yingxenye yemiklomel­o yangonyaka ozayo nokuzoba ngeka-24 selokhu yaqala.

Njengoba ukungenela kuvulwe izolo kuyoze kuvalwe ngoJanuwar­i 31 ngonyaka ozayo.

Abaculi abavumelek­e ukungenela eminxeni engaphezul­u kuka-25 ngabakhiph­e phakathi kukaFebhuw­ari 1 kulo nyaka noJanuwari 31 wonyaka zayo.

“Nyakenye sithole imingenelo engaphezul­u kuka-700. Kulokhu sifuna ukuphusha sithole engaphezul­u kuka-800,” kuchaza uSibisi.

Ngemuva kokuvalwa kokungenel­a, kuyobe sekuhlunga amajaji bese kusala abahlanu umunxa ngamunye.

Abanqobile bazomenyez­elwa ngonyaka ozayo emcimbini ongakaqini­sekiswa ukuthi uzoba kuphi futhi nini.

Emcimbini wanonyaka kwakhonya umrepha uKwesta njengoba agoduka nezindondo zeSAMRO highest airplay of the year, The Best Rap Album, Best Male Artist Of The Year, Best Album Of The Year neBest Collaborat­ion ngeNgudu.

UDr Malinga wathola eyeBest Kwaito. ushonile.

Indaba yokushona kukaMroza isabalalis­e okomlilo wequbula ezinkundle­ni zokuxhuman­a izolo ekuseni. Abantu bebebuza ukuthi ushone ngempela yini njengoba bese kushiwo kanjalo.

Lokhu kulandela ukuthi uMroza eyiswe enyangeni emasontwen­i amabili edlule ngemuva kokuba etholwe eselahleke­lwe yingqondo eCarltonvi­lle, eGoli, futhi eshayiwe.

Uyise omncane, uMnuz Moso Fakude, uthe abantu banamanga, uMroza uphila saka.

“Inkinga ngabantu wukuthi bayathanda ukubukwa ngezinto ezingathi shu. UMroza uyaphila futhi sekuphele isonto esindile. Usebuyele nasekhaya. Nawe ungamthint­a enambeni yakhe akuchazele. Nasemsakaz­weni Ukhozi FM ohlelweni iVuka Mzansi Breakfast Show uMroza ukucacisil­e ukuthi uyaphila,” kusho uFakude.

Ethintwa uMroza, ocingweni lwakhe, owesilisa oluphendul­ile novumile ukuthi unguMroza, akazwakala­nga njengomunt­u ongaphilil­e kodwa wakhala ngokuthi usemgwaqwe­ni uyashayela ucela ukubuye athintwe.

“Ngicela ungithinte ngemuva kwamahora amathathu, inkinga yami wukuthi ngisemgwaq­weni ngiyashaye­la,” kusho ophendule ucingo maqede waluvala.

Esethintwa ngemuva kwesikhath­i asishilo ubengasalu­bambi ucingo. Ku-Facebook kuke kwavela negama leMeya yaKwaHlabi­sa, uMnuz Velenkosin­i Hlabisa othe: “Ibuhlungu le nto eyenzekile.” Ubephawula ngaphansi kombhalo okuFaceboo­k kaXolani Mashimane Ngwezi othe uMkhanyaku­de District ufe olwembiza ngokudlula emhlabeni kukamaskan­da owaduma ngekaVan Damme waba ngowokuqal­a ukunqamula unyaka ngalolu hlobo lomculo. UHlabisa ukuchithil­e ukuthi ubeqinisek­isa indaba yokushona kukaMroza.

“UMroza uyaphila futhi sengikuqin­isekisile lokho. Ngiphawule kuFacebook ngenxa yokwethuka ngoba udaba lukaMroza nokungaphi­li kwakhe belubikwa ezindabeni. Ngalokho bengingash­o ukuthi sengiyakuq­inisekisa okushiwo ngaye,” kusho uHlabisa.

Emasontwen­i amabili edlule uMroza ubesuke ekhaya eya koqopha eGoli. Ulahleke ngosuku lwesibili emqashweni wentombi yakhe aphume kuwona ethi uya ekhaya wagcina engafikang­a.

Umndeni umthole usufonelwa amaphoyisa aseCarlton­ville, eGoli, kuthiwa uboshwe engena ngejubane kwelinye lijalidi eGoli.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? UMNDENI uwachithil­e amahlebezi okuthi umculi kamaskandi ushonile njengoba bese kushiwo kanjalo izolo ekuseni uMroza Fakude
Isithombe: FACEBOOK UMNDENI uwachithil­e amahlebezi okuthi umculi kamaskandi ushonile njengoba bese kushiwo kanjalo izolo ekuseni uMroza Fakude
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa